Lisuliwe ikhansela ebelihola liboshiwe
LUGCINE lugobile uphondo eziphathimandleni zikaMasipala waKwaNongoma, KwaZuluNatal, mayelana nokuhoxisa esikhundleni ikhansela obekuthiwa lihola imali yabakhokhibentela libe lidonsa iminyaka eyisithupha ejele ngecala lokweba imfuyo esifundazweni iMpumalanga.
IMeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ithe sebegcine bemsulile emabhukwini amakhansela omkhandlu wabo uZamani Sibiya ngoba icala ligcine limlahlile ngemuva kokulidlulisela phambili.
Uthe lokhu kusho ukuthi sekuzoba nokhetho lokuchibiyela ewadini ebiphethwe uSibiya.
“Sitholile njengomkhandlu ukuthi inkantolo isichithihile isicelo sikaSibiya sokuba kubuyekezwe isinqumo saphambilini sokutholwa enecala lokweba imfuyo eVolkrust. Ngenxa yalokho sinqume ukuba simsule ohlwini lwamakhansela ethu. Ngaphandle kwalokho besingeke sikwazi ukufinyelela kulesi sinqumo singakezwa isiphetho semizamo yakhe, okuyilungelo lomthethosisekelo elimgunyazayo ukuba icala alidlulise kuze kube kuphuma isinqumo esingujuqu. Ukube besenzenjalo besizoba senkingeni uma icala elinqoba ngoba bekofanele sibuyisele emuva zonke izinqumo ebesizobe zithathwe ngaphandle kwakhe nebezizobe zithinta yena,” kusho uMncwango.
USibiya ubeyikhansela le-IFP ku-ward 20 kanti ubephinde ahlale emkhandlwini kaMasipala waseZululand.
Ugwetshwe iminyaka emithathu ngoMeyi 25 yiNkantolo yaseVolkrust kodwa icala walidlulisa. Inkantolo ibe isimengezela ngeminye iminyaka emithathu yabe isiba yisithupha isiyonke.
UMncwango ukuphikile ukuthi uSibiya ubeqhubeka nokuhola yize edonsa ejele. Uthe wagcina ukuhola ngoMeyi 25 ngoba wayesebenzile.
USihlalo weKhomishini yezoKhetho KwaZulu-Natal, uMnuz Mawethu Mosery, uthe bebengakaziswa ngodaba lukaSibiya ngakho abanazo izinhlelo zokhetho lokuchibiyela ezithinta uNongoma.
UMncwango uthe basalungisa imigudu ethile yangaphakathi ukuze bazise ikhomishini ezimele ebhekele ukhetho KwaZulu-Natal ukuze ikwazi ukuhlela usuku lokhetho lokuchibiyela.