Siyaqonga isihluku emapulazini
UKUHLUKUNYEZWA kwabahlala amapulazini kwenyuke ngemuva kwezigcawu ezidingida ngodaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu evakashele epulazini iGathman Farm, elidume ngokuthi ikwaMehlwemamba, ngoLwesihlanu.
UMthembu ubevakashele khona ngemuva kokuthi umphakathi obudinwe ugane unwabu uthungele ngomlilo amahlathi, amadlelo namabhele, omlimi uMnuz Carl Gathman.
Lo mphakathi othi waxoshwa uGathman epulazini lakhe ethi wenzela ukuthi uthole intuthuko ngoba ngeke avume ufakelwe ugesi, amanzi nezinye izinsiza, ubudinwe ukuthi umnikazi wepulazi ugugule amathuna ezihlobo zawo ngogandaganda ethi ufuna ukutshala.
Angaphezulu kuka-50 amathuna aguguliwe. UMthembu uthe izigameko ezinjengalesi esezenzekile zidlangile esifundazweni. “Lezi zigameko ziyasikhombisa ukuthi ngempela udaba lomhlaba kumele lukhulunywe, ngeke silubalekele. Indlela abantu bakule ndawo abaphila ngayo sengathi kuseyisikhathi sobandlululo, ekubeni sekunesikhathi eside sadlula leso sikhathi,” kusho uMthembu. Isitatimende esithunyelwe kwabezindaba esivela kumlimi sithi udaba lokuphazanyiswa kwamathuna okuthiwa ukwenzile, lwenziwe ihaba ngabantu abanezinhloso zepolitiki, abafuna ukungcolisa igama lakhe nebhizinisi lakhe.
“Njengomlimi olimela ukukhiqiza angikwazi ukutshala emathuneni, angikaze ngibe nenhloso yokuthinta amathuna, uma kwenzekile bekungeyona inhloso yami.
Isigameko esenzeke epulazini lami sokuthungelwa ngomlilo komuzi wemenenja yepulazi, kwashiswa amadlelo nezinye izinto akubekezeleleki, kugqugquzela udlame. Ngakolunye uhlangothi lo mphakathi othi ngiyawuhlukumeza, sekuphele iminyaka emibili nohhafu ngiwusiza ngamanzi, abasebenzi bami nabo ngiyabasiza uma bedinga izinto engikwaziyo ukubasiza ngazo,” kusho uGathman.
Kulindeleke ukuthi kuleli sonto uMthembu nezinye izinhlaka zikahulumeni babuyele kuleli pulazi lapho uGathman ezothola ithuba lokuchaza ngalolu daba.
UMthembu uthe ezinhlakeni zikahulumeni ezizobe zikhona uzobiza nabeKhomishana yezaMalungelo Abantu.