UPitso akeneme ngabagadli bakhe
NGEMUVA kokuthi iMamelodi Sundowns iguqise iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 kuma-quarterfinal eMTN 8 ngempelasonto, umqeqeshi wayo uPitso Mosimane uzwakalise ukungenami ngokungasebenzisi amathuba kwezakhe.
Lesi simo sokungabi bukhali phambili kwamapali kufanele wukuthi isona uMosimane azobe esilungisa ngaphambi komdlalo wabo weCAF Champions League ngempelasonto.
ISundowns izobhekana neWydad Casablanca yaseMorocco emdlalweni kaGroup C kwiChampions League ngoLwesihlanu eStade Mohamed ngo-8 ebusuku.
ISundowns idinga ukuthi ibuye okungenani nephuzu kulo mdlalo ukuze iqhubeke nokuzibeka ethubeni lokudlulela kumaquarterfinal alo mqhudelwano.
Njengamanje ihleli endaweni yesibili ngamaphuzu amahlanu. Uma ingahlulwa izobe ivulela iHoroya ukuthi inyukele endaweni yesibili uma leli qembu laseGuinea linqoba kwiTogoPort yaseTogo nabo abadlala ngoLwesihlanu.
Amagoli eSundowns kwiArrows ashaywe uSibisuso “Villa” Vilakazi noWayne Arendse.
UGaston Sirino osefomini kulezi zinsuku uphinde waba nesandla emagolini eSundowns.
“Kube yigoli elihle kakhulu leli likaVilla kodwa maningi amathuba abawalahlayo,” kusho uMosimane kwi-SS4 echaza ngomnyakazo oholele kwigoli lokuqala.
Uthe ujabule ngokuthi abadlali bakhe basakwazile ukuthola imiphumela emidlalweni edlule kodwa akaneme ngezinqumo abazithathayo ebhokisini.
Ubalule naye uSirino obe ngumdlali ovelele kowe-Arrows.
“Izinto zimhambela kahle. Ungumdlali okujabulisayo inkinga iphasi yakhe yokugcina. Kwesinye isikhathi uyaliphasa ibhola esikhundleni sokukhahlela. Kodwa awumcindezeli umdlali ofana naye. Kumele umyeke aveze ithalente lakhe okuyiyona into efunakalayo ebholeni,” kusho uMosimane.
Njengoba beya kwiWydad eqhwakele kuGroup C ngamaphuzu ayisishiyagalombili, uthe bazolijabulela nephuzu.
Kuzobe kubomvu enkundleni. Bazosivala. Nathi kuzomele sibavale. Kumele sihlakaniphe. Sizowathola amathuba ambalwa okugqashula. ISundowns ihlezi izothola amathuba okushaya amagoli. Uma singanqobi okungenani kumele sidlale ngokulingana. Kodwa akufanele nhlobo sithi sizopaka ibhasi. Kumele sidlale ibhola okuyiyona into abayilindele,” kusho uMosimane kwi-website yeSundowns.
Ngemuva kwalo mdlalo iSundowns izosalelwa umdlalo owodwa wamaqoqo neHoroya kuleli ngo-Agasti 28.
Amaqembu amabili azoqeda ephezulu azodlulela kumaquarterfinal eChampions League.