Ithemba lemibiko yezimali engcono komasipala
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthi unethemba lokuthi izoba ngcono imibiko kaMcwaningi-Mabhuku kuleli, uMnuz Kimi Makwethu yomasipala besifundazwe.
UNkk Dube-Ncube uthe ujabule ngendlela izimeya ezishintshe ngayo ukwenza njengoba nazo zizimisele ngokuguqula imibiko yezimali yemikhandlu yazo.
Izolo uNkk DubeNcube uhlangane nezimeya zemikhandlu ethole imibiko emibi ngesabelo-mali sika2016/17.
Ingu-15, kwengu-54, imikhandlu yaseKZN engazange yenze kahle ngesabelo-mali esedlule. Ngokombiko kaMawethu imikhandlu eminingi kuzwelonke kayenzi kahle njengoba ithole imibiko emibi kwisabelomali esedlule.
Lo mhlangano wayizolo, ubulandela obungoFebhuwari nawo obubhunga ngesimo sale mikhandlu yesifundazwe.
“Sinethemba elikhulu ngemiphumela yokusetshenziswa kwezimali kaMcwaningiMabhuku njengoba izimeya zemikhandlu engenzanga kahle nazo zizibophezele ekuphenduleni amatafula,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe njengomnyango bazibophezele ekwenyuseni isibalo semikhandlu ethola imibiko emihle.
“Asisafuni ukuthi kube khona imikhandlu ethola imibiko emibi, enye into esifuna ukuyiqeda yilena yokusebenzisa ngendlela engafanele izimali, sifuna nokubona bethathelwa izinyathelo ezinqala labo abenza okuphambene emikhandlwini yethu,” kusho uNkk DubeNcube.
Uthe izimeya zithi ziya zisebenza zonke izinto ezabalulwa uMcwaningi-Mabhuku athi azizibheke ukuze zilungise amabhuku azo.
“Njengomnyango sichitha isikhathi esiningi ekwenzeni isiqiniseko sokuthi imikhandlu yethu isebenza kahle. Bonke omasipala sibayalele ukuthi bahambise amabhuku abo ezimali ngesikhathi,” kusho uNkk Dube-Ncube.