INumsa igxeka ukudubula efemini kaplastiki
INATIONAL Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) izwakalise ukungenami kwayo emuva kokudutshulwa kwabasebenzi benkampani ekhiqiza uplastiki KwaSithebe i-ITB Plastics.
Esitatimendeni uNobhala weNumsa KwaZulu-Natal uMnuz Mbuso Ngubane uthe izingxoxo nomqashi zifinyelele kwangqingetshe base abasebenzi beteleka.
Uthe abaneme ngokuthi umqashi ajube onogada abadubula abasebenzi uma bebhikisha ngaphandle kwamasango ase-ITB.
“Asineme ngempatho yomqashi ngoba abasebenzi banelungelo lokubhikisha bazwakalise izikhalo zabo. Akufanele badutshulwe uma belwela amaholo angcono nesimo esamukelekile sokusebenza,” kusho uNgubane.
Uthe abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngoR3 ngehora kodwa umqashi ubeke etafuleni u-90cents.
“Bafuna ukuba ne-provident fund ngoba okwamanje itholwa yidlanzana ngisho nasebesebenze iminyaka engaphezu kuka10 abayitholi. Abasebenzi bafuna ukuholelwa ngesonto kungabikhona abaholelwa ngenyanga nangefortnight. Bafuna ukuqashwa ngokuphelele kuqedwe ama-labour broker nokuthi baholelwe imali efanayo ngomsebenzi abawenzayo kungaholelwa ngokobuhlanga,” kusho uNgubane.
Uthe yize bengahambisani nokuthi abasebenzi bahole uR20 ngehora embonini kaplastiki lapho amaholo emancane bafuna okungenani umsebenzi ohola kancane angatholi imali engaphansi kukaR20 njengoba kwenzeka.
UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseNyoni abophe abasebenzi abangu-20 akade bevale umgwaqo ngezingodo kuRed Street emafemini aKwaSithebe.
Abasebenzi bebemelwe ngummeli weNumsa obakhiphe ngebheyili kaR500 umuntu ngamunye.
INumsa ithe izoqhubeka nokulwela abasebenzi ukuthi bathole iholo elingcono. Esitatimendeni i-ITB Plastics ikuqinisekisile ukuthi abasebenzi baqale isiteleka emuva kokuthi izingxoxo zamaholo zifinyelele kwangqingetshe.
Ithe isiteleka sesiholele ekumoshweni kwempahla yefemu nasekusatshisweni kwabanye abasebenzi.
“Sicela iNumsa ibuyele etafuleni ukuze kuphele isiteleka ngoba sinomthelela omubi emindenini yabasebenzi ethembele emholweni wabo ngoba njengoba abasebenzi betelekile abaholi. I-ITB yinkampani eholela amaholo ahambisana nalawo aholwayo emkhakheni esebenza kuwo, ikhipha ne-provident fund,” kusho i-ITB.