Kufe oyedwa bedutshulwa
KUFE oyedwa kwalimala ababili omunye waphuma engenamyocu ngesikhathi abantu abangaziwa bevulela ngenhlamvu kwabane abebehlezi emotweni oThongathi izolo.
Kusolwa ukuthi lokhu kuhlasela kuhlobene nombango wamatekisi.
Inganono kuthiwa iqhume phakathi edolobheni ibhekiswe kwabane abebesemotweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe baphenya icala lokubulala nelokuzama kubulala.
“Kudutshulwe abantu abane, kushone oyedwa, ababili balimala baphuthunyiswa esibhedlela. Kuyaphenywa, imbangela yokuhlaselwa kayaziwa. Akekho oboshiwe,” kusho uZwane.
Isolezwe litshelwe wumthombo walo ocele ukungadalulwa ukuthi abahlaselwe kusolwa ukuthi nabo bebeyohlasela abasebenza kusoseshini waseZamukulungisa kodwa kwagcina kudutshulwa bona. Akucaci ukuthi abalimele bangosomatekisi noma bangonogada ababheke umsebenzi yini.
UZwane uthe ngeke bakuqinisekisa ukuthi lokhu kuhlasela kusondelene nodlame lwasematekisini.
Isigameko senzeke eduze kwasebhange edolobheni emgwaqweni u-R102.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sifiso Shangase, othe ukubulalana akusombululi lutho kodwa kudala ezinye izinkinga.
“Uma usebhizinisini lamatekisi kumele ubeke phansi umoya ungasebenzisi isibhamu kodwa kuxoxwe. Abanolwazi ngokuhlaselwa kwalaba kumele bathintane namaphoyisa ukuze kuboshwe abathintekayo,” kusho uShangase.
ISantaco ithe isazothumela ithimba labo ukubheka isimo kusoseshini ngoba abakaze babikelwe ukuthi kukhona izinkinga ezikhona kuwo.
Abalimele kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela.