Isolezwe

Uvaleliswe ngengoma nomdanso uSir Bubzin

- FANELESIBO­NGE BENGU

IMEYA yaKwaDukuz­a, uRicardo Mthembu, iphonsele amaciko inselelo yokuthi azibhalele wona umlando omuhle ngawo ukuze ungabhalwa abanye abantu abangawuhl­anekezela.

UMthembu ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo yomdidiyel­i womculo uBongani “Sir Bubzin” Cele (37) ebusetende­ni ezinkundle­ni zemidlalo eMemory, KwaDukuza, izolo.

“Uma usubhalwe kabi siyakhala sithi benze iphutha. Sakhula uShaka kuthiwa uhlinza abakhulelw­e. Kumele sibhale thina ngamaqhawe ethu. Kumele nibhale incwadi ngempilo enhle ephilwe uBubzin,” kusho uMthembu.

Lo mculi uvaleliswe ngengoma njengoba bekusina kudedelana abaculi abahlukene esiteji. Phakathi kwabebecul­a kubalwa umculi ocula owokholo uMalusi Mbokazi noMondli Ngcobo.

Uhlelo beluphethw­e nguMhlonis­hwa Langa noSifiso Nala.

Amaciko ahlukene abethamele inkonzo agcwale esiteji adansa sekudlalwa izingoma uSir Bubzin azididiyel­a. Phakathi kwazo kukhona i-I Won’t Let You Go eculwa uJoocy, Inazo neNcwadi Yothando zeBig Nuz nezinye.

Amaciko abekhona nguT’zozo, DJ Bongz, Kotin, Masiya, Fisherman, Beezory, Benzy, Wonder, Manjaro, umlingisi uMbaliyesi­zwe Ngiba, Sox, Sparks Bantwana nabanye.

Izikhulumi zichaze uBubzin njengomunt­u obewuthand­a umsebenzi wakhe, ehlonipha futhi enenhliziy­o enhle.

UBubzin ushone esibhedlel­a iKing Edward emasontwen­i amabili edlule ephethwe wumdlavuza wegazi.

Ushiye emhlabeni unina uNksz Cynthia Cele, udadewabo, abafowabo abathathu nezingane zakhe ezintathu indodakazi u-Avele namadodana uNkanyezi noCuloleth­u. Ufihlwe emathuneni asekhaya eMemory.

 ?? GCINA NDWALANE Isithombe: ?? AMACIKO avalelise uzakwabo uBongani ‘Sir Bubzin’ Cele ngomdanso nangengoma enkonzweni yomngcwabo wakhe eMemory, KwaDukuza, izolo emini
GCINA NDWALANE Isithombe: AMACIKO avalelise uzakwabo uBongani ‘Sir Bubzin’ Cele ngomdanso nangengoma enkonzweni yomngcwabo wakhe eMemory, KwaDukuza, izolo emini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa