Isolezwe

Akucaci ngekusasa likaSunday kwiSibaya

- FANELESIBO­NGE BENGU

BAFIHLE induku emqubeni ngekusasa likaZweli Msibi kwiSibaya kulo mdlalo njengoba kungacaci ukuthi indawo ayidlalayo iphelile noma cha.

UZweli udlala indawo kakhokhovu­la wenyangamt­hakathi uSunday Nkabinde kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.

Isiqephu sangoLwesi­hlanu sishiye abantu bebuzana ngoSunday njengoba umdlalo uphele esha norawondi. Abantu bakwaZungu nabakwaNdl­ovu bebethunga­tha indodana kaThandeka (Nomzamo Mbatha) noSbu (Sdumo Mtshali) eyathathwa uSunday. Bathe bangayitho­la uMpiyakhe (Siyabonga Thwala) wabe esishisa indlu baphuma bahamba. Umdlalo uphele uSunday ekhala esha ngaphakath­i.

Okhulumela iMzansi Magic uBongi Potelwa-Metsing, uthe ngeke badalule ukuthi kuzokwenze­kani. Uthe abantu abaqhubeke nokubuka umdlalo.

UZweli utshele leli phephandab­a ukuthi abantu abangakhat­hazeki ngoba uSunday “umafa avuke”.

“Abantu bakhathaze­kile bayaphikis­ana. Abanye bathi kuhle ngoba ufile abanye bathi umdlalo uzobhora. USunday unokuvumbu­ka. Bangakhath­azeki mhlawumbe uzovuka, bangasabi,” kusho uZweli.

Uthe uyabonga ngokwesekw­a ngabantu nokuthanda indawo ayilingisa­yo.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi kulo mdlalo uveze ukuthi kuthulekil­e ngalo mlingisi.

“Akekho okhuluma ngaye ngoba akuveli ukuthi indawo yakhe iphelile noma cha. Impilo iyaqhubeka kwabanye abalingisi emdlalweni kodwa angazi noma uzoba yisipoki noma cha ngoba uMehlemamb­a uzolokhu emphupha emtshela ukuthi uyindodana yakhe,” kusho umthombo ongavumele­kile ukukhuluma nabezindab­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa