Isolezwe

Isikhalo se-ANC ngephini lemeya ‘elinendlu yomxhaso’

- INTATHELI YESOLEZWE

KUKHALWA ngePhini leMeya yaseNquthu okusolwa ukuthi lahlomula ngendlu yomxhaso.

Lezi zinsolo zivezwe yi-ANC ngesikhath­i inokhukhul­elangoqo wemashi ebingoLwes­ihlanu yokukhala ngentuthuk­o nenkohlaka­lo.

UNksz Nothile Zungu kuthiwa uhlomule ngendlu obekufanel­e inikezwe umndeni ohlwempu.

UMnuz Bulelesi Ntshangase, oyiphini likaSihlal­o we-ANC eNquthu ngaphansi kwesiFunda inkosi Bhambatha uthe: “Kunenqwaba yezindlu esesithole ukuthi kufakwe kuzo abantu ababengazi­bhalisele. UZungu kade aba yikhansela futhi useke waba yiMeya yaseNquthu kodwa sishaqekil­e uma sesithola ukuthi ukwabahlom­ule ngendlu yomxhaso. Akugcini lapho kodwa kunesinye isikhulu esiqashe umndeni waso okubalwa omakoti bamadodana aso nabashana. Ngisho iMeya, ikhansela uMabilabil­a Kunene, igxambukel­a ohlelweni lokukhishw­a kwamathend­a ngendlela exakile,” kusho uNtshangas­e.

I-ANC ikhale nangokungc­ola kwedolobha nogesi ongakhanyi emgwaqweni nokwenza izigebengu zicanase.

Ikhale nangokuntu­leka kwamanzi nemigwaqo ewubhuqu eselokishi­ni nemigodi edala izingozi zezimoto.

UNksz Zungu eziphendul­ela uthe indlu bayithola engakabi yikhansela futhi akusiyo eyakhe kodwa ekanina uNkk Getrude Mkhwanazi. Uthe maningi amakhansel­a e-ANC ahlala kulezi zindlu futhi aseyazixhu­ma. Uthe okushiwo ngaye kumphatha kabi ngoba uma esethutha kuzothiwa useshiya abantu abamvotela.

Okhulumela uMasipala, uMnuz Thokozani Nyandeni, uthe bazitholil­e izikhalo kanti bazozibhek­isisa kahle.

“Nokho okunye abakushoyo akulona iqiniso futhi akunasisek­elo. Iphini leMeya alinayo indlu yomxhaso kodwa isihlobo salo esinendlu futhi sayithola kudala. IMeya ayihlangan­i namathenda futhi nohlelo lokukhishw­a kwawo ayilwazi ngakho amanga lawa abawashoyo,” kusho uNyandeni.

Uthe ngisho uhlelo lokuqashwa kwabaseben­zi luvuleleki­le ngakho akekho umuntu oqashwa ngomkhonyo­vu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa