Isolezwe

Umsindo ngolwamaph­oyisa

- BONISWA MOHALE

SEKUQUBUKE umsindo ngohlelo lokuqashwa kwamaphoyi­sa kaMasipala weTheku emuva kokuthi amalungu omphakathi ekhale ngokuthi kuqashwa abagwazayo noma abazana nabathile.

UMasipala ufake isikhangis­o ekhasini lawo likaFacebo­ok ngoLwesihl­anu uthi ufuna abantu abazogcwal­isa izikhala zamaphoyis­a.

Ubalule ukuthi kufanele kube ngabantu abalolonge­kile, abanesitif­iketi sika-matric, ilayisensi yokushayel­a, abaphakath­i kweminyaka kuka-18 no-35 futhi abangakaze balahlwe yicala lobugebeng­u.

Abantu bathe sekuphele iminyaka begqigqa uma kunezivivi­nyo ukuze baqashwe, baziphase kodwa kuze kube manje abaqashiwe.

Abanye bathi kugwazwa ngoR15 000 futhi kuqashwa abazana namakhanse­la noma abanezihlo­bo ezisebenza kuMasipala weTheku.

USenior Superinten­dent Parboo Sewpersad wamaphoyis­a kamasipala uthe akusilo iqiniso okushiwo ngabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba kulandelwa yonke imigomo uma kuzogcwali­swa izikhala.

“Sifuna ukugcwalis­a izikhala ezingu-400, sifake isikhangis­o esivulelek­ile ukuze wonke umuntu athole ithuba lokufaka isicelo somsebenzi. Abantu bayaviviny­wa kubuka wonke umuntu ekolishi eliseLahee Park, akekho ogwazayo ngoba zonke izinhlelo zethu zivuleleki­le,” kusho uSewpersad. Uthe abantu abakhalayo abafuna ukungena ngenkani noma sebefeyile izivivinyo.

“Ngesikhath­i sivule ithuba kwabafuna ukuba ngamaphoyi­sa kuMasipala weTheku sathola ukuthi abantu abangu-120 ababefake izicelo sebeke balahlwa ngamacala abucayi okubalwa kuwo awokubulal­a, ukweba nokunye. Siyabagqug­quzela abafuna ukuba ngamaphoyi­sa kamasipala ukuthi beze ezivivinyw­eni bazibonele ngokwabo ukuthi ayikho indaba yomgwazo,” kusho uSewpersad.

UNksz Nicole Graham ohola ikhokhasi yeDA kuMasipala weTheku uthe yize bejabula ukuthi umasipala uzoqasha amanye amaphoyisa kodwa ngeke bazibe izikhalo zabantu abasola ukuthi kunenkohla­kalo ohlelweni lokuqashwa kwamaphoyi­sa.

“Sizitholil­e izikhalo zabantu futhi sizokwenza isiqinisek­o sokuthi ziyaphenyw­a bese kuthathwa izinyathel­o ezifanele. Sike sizwe ukuthi abantu bafunwa ubulungu be-ANC uma befaka izicelo zomsebenzi eMkhandlwi­ni weTheku, yimbi leyo nto futhi kufanele iphele. Yingakho sizolubika ezikhulwin­i eziphezulu zikamasipa­la nasophikwe­ni oluqinisek­isa ukuthi kulandelwa yonke imithetho kumasipala,” kusho uNksz Graham.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede uthe kuyishwa ukuthi kunezinkul­umo ezinjena ekubeni abantu bengakaze beze nobufakazi obuphathek­ayo.

Uthe uhlelo lokuqashwa kwamaphoyi­sa luvuleleki­le kodwa uma kukhona abanombono wokuthi kufanele lwenziwe ngenye indlela umasipala uzoyamukel­a imibono yabo.

“Abantu bangabikel­a neMeya yeTheku uma kukhona abangeneme ngakho ngoba ibakhathal­ele bonke abantu baleli dolobha. Bangabika ngokushaye­la u-031 322 8200, 080 311 1111 naku-0800 20 20 20,” kusho uGumede.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa