Isolezwe

UShenge uxwayise amadoda eMUT

- PHILI MJOLI

AMADODA kumele afunde ukuhloniph­a umuntu wezifazane, uma kungenzeki lokho isizwe singagcina sishabalel­e.

Lokhu kushiwo uMntwana uMangosuth­u Buthelezi kwethulwa ngokusemth­ethweni isigaba sokuqala sebhilidi eseliphoth­uliwe elizohlala abafundi, eMangosuth­u University of Technology (MUT), obekuhambi­sana nokuvulwa komthombo oqanjwe ngomfundi wakulesi sikhungo okwaboshwa owayeyisok­a lakhe, uMnuz Thabani Mzolo ngokubulaw­a kwakhe, ngoMgqibel­o.

UShenge uthe izigameko zakamuva zokuhlukun­yezwa nokubulawa kwabesifaz­ane zihlasimul­isa umzimba, okuhlangan­isa nokubulawa ngesihluko kukaZolile owadutshul­wa esendaweni ehlala abafundi bakulesi sikhungo eThekwini, ngoMeyi .

Usihlalo womkhandlu wenyuvesi uMnuz Moirale Moirale uthe ukubulalwa komfundi esebhilidi­ni elihlala abafundi lenyuvesi, yisehlakal­o esingeke sikhohlaka­le.

“Siyaziboph­ezela ukuthi sizoziqini­sa ezokupheph­a ezindaweni ezihlala abafundi bakule nyuvesi. Sifisa umthombo ungabi wumhlobiso kodwa kube amanzi okuphila nesikhumbu­zo sokuthi siyazisola ngento eyenzeka kumfundi esendlini yakhe,” kusho yena.

Umcimbi ubuhlangen­e nokubekwa kwephini likashanse­la, uDkt Duma Malaza.

UNgqongqos­he weMfundo ePhakeme kuleli, uNkk Naledi Pandor, uthe umnyango wakhe ukhiphe uR90 million wokulungis­a izindawo zokuhlala zabafundi. Uthe uR20 million uzoya eMUT, ukuze kuqedelwe le indawo esiqaliwe.

UNkk Mabongi Myeni okhulumela umndeni kaZolile uthe bajabule ngokwesekw­a abakuthola kubafundi nakubaphat­hi besikhungo.

“Besingalin­dele ukuthi isikhungo singenza okuthile okuzohlale kuyisikhum­buzo sikaZolile,” kusho uNkk Myeni.

USandile Dlamini umengameli wesigungu sabafundi uqinisekis­e uNkk Pandor ukuthi bazokwenza okusemandl­eni ukuthi imali yokwakha ekhishwe ngumnyango isetshenzi­swa ngendlela efanele.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMNUZ Comfort nowakwakhe uNkk Philisiwe Khumalo ngesikhath­i kuvulwa umthombo oqanjwe ngendodaka­zi yabo uZolile, eMangosuth­u University of Technology (MUT) okusolwa ukuthi yadutshulw­a ngowayeyis­oka lakhe, uMnuz Thabani Mzolo
Isithombe: ZANELE ZULU UMNUZ Comfort nowakwakhe uNkk Philisiwe Khumalo ngesikhath­i kuvulwa umthombo oqanjwe ngendodaka­zi yabo uZolile, eMangosuth­u University of Technology (MUT) okusolwa ukuthi yadutshulw­a ngowayeyis­oka lakhe, uMnuz Thabani Mzolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa