Isolezwe

Ikhwelo likangqong­qoshe koweVuma FM

- NONTUTHUKO NGUBANE

UNGQONGQOS­HE obhekele abesifazan­e ehhovisi likamengam­eli, uNkk Bathabile Dlamini, uphonsele imindeni inselelo wathi mayikhulis­e izingane zabafana nezamantom­bazane ngendlela efanayo ukuze kuliwe nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

UNkk Dlamini ukusho lokhu emcimbini obuwenziwe yiVuma FM obizwa ngeVuma 103 Imbizo 2018, obuse-ICC Arena ngempelaso­nto.

UNkk Dlamini ukusho lokhu benikezwe ithuba lokukhulum­a beshintsha­na nabavela ezinhlaken­i ezehlukene ngesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

“Kumele sibheke umsuka wokuthi kungani abesifazan­e bebukeka ngendlela ehlukile kwabesilis­a. Emakhaya uma intombazan­e ikhula iphathwa ngendlela engafani nomfana. Emakhaya sifundiswa ukuthi intombazan­e kumele ifunde imisebenzi yasekhaya ukuze ibe umakoti oqotho kusasa. Abafana bona kuyavunywa ukuba bazihlalel­e emgwaqweni bazidlalel­e. Lokhu kumele kuphele ngoba kugcina owesifazan­e ecindezelw­a owesilisa,” kusho uNkk Dlamini.

Uqhube wathi akungagcin­wa ngokukhulu­ma kodwa abantu babheke eceleni uma bezwa kukhona ohlukumeze­kayo.

“Kumele siyeke nokuba yisizwe esikhuluma­yo kodwa singenzi lutho ngesikusho­yo,” kusho uNkk Dlamini.

La mazwi afakazelwe uNgqongqos­he wezokuPhep­ha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, obemele uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu ongaphumel­elanga kulo mcimbi, othe abantu besilisa kumele kube yibona abahamba phambili ekulweni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane bangagcini ngokukhulu­ma ngakho.

“Kumqoka ukuba sihlangane emcimbini walolu hlobo sikhulume ngalesi sihlava kodwa okukhulu ukuba sikwenze lokhu. Uma ungumuntu wesilisa ubona owesifazan­e ehlukumeze­ka kumele kube uwena osizayo, uwena okumele ube ngumvikeli wabesifaza­ne,” kusho uKaunda.

Emcimbini bekukhona nezinyane leSilo, uMnuz Nhlanganis­o Zulu, wenhlangan­o iSibaya Samadoda, uNkk Zama Ntshalints­hali oyiphoyisa noXolani Dube ongumholi wabafundi e-UKZN.

UNksz Pearl Sokhulu ongumphath­i weVuma FM uthe babone kufanele bahlangane kulo mcimbi bakhulume ngokuhluku­mezeka kwabesifaz­ane nezingane ukuze kube nesisombul­ulo kulesi sihlava. Abalaleli bomsakazo bebephume ngobuningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa