Ingane ikhihle isililo kungena amabhokisi
IKHIHLE esikaNandi intombazanyana eneminyaka emibili ngesikhathi amabhokishi abazali bayo, elikaninakhulu wayo nelomfowabo onezinyanga ezimbili esephelele etendeni lomngcwabo obuseThornwood izolo.
Isolezwe labika ngokubulawa kwamalungu omndeni wakwaDube eThornwood, eMariannhill, okuthiwa wabulawa yindodana yawo, uMnuz Khulekani Dube.
Kuthiwa uDube wagwaza unina, uNkk Thembi Dube, wafa, intombi yakhe, uNksz Philile Gumede, indodana yakhe enezinyanga ezintathu, uNhlakanipho Gumede, indodakazi yakhe uNonkululeko Gumede okuyiyona yodwa eyasinda.
Izolo uNonkululeko ubegonwe wubabekazi wakhe noninakhulu, ebukeka engazi nokuthi lidumephi.
Indaba yonakele uma sekungena amabhokisi esekleliswe etendeni ebelisenkundleni yemidlalo yesikole iDelani Primary, uNonkululeko uvele wakhala, uninakhulu nobabekazi wakhe yibona abazame ukumthulisa.
UNksz Zodwa Makhathini, obebiza uNkk Thembi Dube ngomamncane, uthe basasezinhlungwini namanje kodwa baqiniswa wukwesekwa abakuthole kwiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ikhansela le ndawo, uMnuz Bheki Mfeka, amalungu esonto nawomphakathi.
Uthe uNonkululeko bamcele izolo esibhedlela ukuze abe khona emngcwabeni.
“Besingakamtsheli uNonkululeko ngoba usemncane kakhulu ukuqonda konke okwenzekile. Simcele namhlanje (izolo) ukuthi eze emngcwabeni. Sisebuhlungwini namanje, sisadidekile ngento eyenzekile kodwa siqiniswa wukwesekwa esikutholayo,” kusho uNksz Makhathini.
Uthe uNonkululeko ubengakababuzi lutho selokhu ephumile esibhedlela.
Uthe uzokhuliswa wuNkk Sindi MaGumede Njakazi uninakhulu ozala unina.
IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe okwenziwe wuKhulekani kukhombisa ngokusobala ukuthi usathane uyahlasela emhlabeni ngakho abantu kufanele bahlale beqaphile.
“Yize kunezinkinga zezidakamizwa kodwa okwenziwe wumfana wakwaDube wumsebenzi kasathane ngoba akekho umuntu osezingqondweni ongabulala unina, intombi yakhe nengane yakhe bese ezibulala. Sinazo izinhlelo zokulwa nezinkinga ezikhungethe imiphakathi yethu. Kufanele abantu bakhulume ngezinkinga zabo kuma-war rooms ukuze siqede inkinga yezidakamizwa neyokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kusho uNkk Gumede.