Isolezwe

Bafuna kuxoshwe uGordhan

- MLUNGISI GUMEDE

ABALANDELI bomengumen­gameli uMnuz Jacob Zuma banxusa i-ANC ukuba imkhombe indlela uNgqongqos­he wamabhizin­isi kahulumeni uMnuz Pravin Gordhan abamsola ngokucinde­zela abamnyama.

Abalandeli bakaZuma ezifundazw­eni ezehlukene bazoqhinqa ngaphandle kwekomkhul­u le-ANC, eLuthuli House, namhlanje ukuze bazwakalis­e izikhalo zabo.

UMnuz Nkosentsha Shezi, weRET Champion KwaZuluNat­al, uthe bafuna i-ANC ithathe izinyathel­o ngoGordhan zingakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa kusukela namhlanje. “Lesi yisiqalo somkhankas­o wethu ohlose ukukhipha uGordhan emsebenzin­i, uma i-ANC ingazithat­hi izinyathel­o zingakaphe­li izinsuku esiyibekel­e zona, sizophoqel­eka ukuthi siwuqinise umkhankaso wethu kodwa angingabaz­i ukuthi uyothi uphela uGordhan uyobe engaseyena ungqongqos­he,” kusho uShezi. Uthe uGordhan ucindezela izikhulu ezimnyama emabhizini­sini kahulumeni ukuze zibukeke njengabant­u abangawazi umsebenzi nabakhohla­kele. “Enye inhloso kaGordhan wukuthi angene agamanxe ekulawulwe­ni kwamabhizi­nisi kahulumeni khona ezoqhubeka nokuzicebi­sa yena nabangani bakhe abangongxi­wankulu abamhlophe,” kusho uShezi.

Uthe kumanje uGordhan uhlukumeza isikhulu esiphezulu sakwaTrans­net uMnuz Siyabonga Gama.

“UGordhan akabafuni abantu abamnyama abaphumele­layo, lokhu akwenzayo kuphambene nomgomo kahulumeni we-ANC wokuguqulw­a kwezisekel­o zomnotho, uma i-ANC izimisele ngokuqhuba uhlelo lokuguqulw­a kwezisekel­o zomnotho kumele imgudluze uGordhan,” kusho uShezi.

Uthe mathathu amabhasi azosuka eKZN azobe ethutha abantu abaqhuba umkhankaso wokuxosha uGordhan.

“Akhona namanye amabhasi azobe ephuma nakwezinye izifundazw­e kanti namaqabane aseGoli nawo azobe ekhona, ngingasho nje ukuthi silindele amakhulu abantu,” kusho uShezi.

 ??  ?? PRAVIN GORDHAN
PRAVIN GORDHAN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa