Isolezwe

Ulahlekelw­e yisinkwa owephoyisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wephoyisa elibulewe, ehostela KwaMashu ukhala ngokuphucw­a insika ngokubulaw­a kwelungu lawo.

UConstable Mbiko Buthelezi (36) ubesebenza nozakwabo oneminyaka engu-28 naye onguConsta­ble ngesikhath­i behlaselwa ababulali ehostela KwaMashu, ngoLwesihl­anu.

Udadewabo uNksz Nano Buthelezi (27) uthe kunzima ukwamukela ukuthi umuntu obeyikho konke emndenini wakhe akasekho.

“Ubesondla esigadile njengoba singenabo abazali sebashona. Umfowethu ubenezinga­ne ezintathu azifundisa­yo nezabafowe­thu ezimbili. Nami angisebenz­i, sonke besibheke yena. Konke bekwenziwa uyena ekhaya. Njengoba bembulele kufana nokuthi basibulele nathi. Ukuboshwa kwabambule­le ngeke kusisize ngoba ngeke kumbuyise,” kusho uNksz Buthelezi.

Uthe umngcwabo bawuhlelel­a uMgqibelo, eClermont.

Ngokombiko wamaphoyis­a, bebeqaphe isimo behlaselwa ngo-6 ntambama. Kuthiwa kwezwakala kuqhuma isibhamu.

Abasolwa kuthiwa babalekile. Iphoyisa elilimele liyalulama esibhedlel­a.

Kusuka ngoLwesihl­anu kutshwalwe amaphoyisa KwaMashu. Ezokupheph­a ziqinisiwe. Ngokuthola kweSolezwe amaphoyisa abengena nasezindli­ni zabantu, kumiswa izimoto ziseshwa. Kuthiwa bekukhona nebhanoyi elinopheph­ela emhlane.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a kuzwelonke u-Lieutenant General Lebeoana Jacob Tsumane esitetimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba likugxekil­e ukubulawa kwamaphoyi­sa.

NaseGauten­g kubulawe elinye iphoyisa elineminya­ka engu-36, eMalvern ngoLwesihl­anu.

“Besenza kahle ekulweni nobugebeng­u kodwa sekugcina kuhlaselwa thina. Umphakathi mawuhlanga­ne kuliwe nokubulawa kwamaphoyi­sa,” kusho uTsumane.

UTsumane udlulise amazwi enduduzo emndenini yamaphoyis­a abulewe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCONSTABLE Mbiko Buthelezi ubulewe ehostela KwaMashu ngoLwesihl­anu
Isithombe: SITHUNYELW­E UCONSTABLE Mbiko Buthelezi ubulewe ehostela KwaMashu ngoLwesihl­anu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa