Isolezwe

Thola kabanzi ngenkampan­i ozotshala kuyo imali: Kamlana

- PHILI MJOLI

UNGASHESHI ukuthatha isinqumo sokutshala imali yakho ungazange uzinike isikhathi sokwenza uphenyo ngenkampan­i ozoyitshal­a kuyo.

Lokhu kushiwo nguMnuz Unathi Kamlana oyiPolicy Statistics and Support eBhange loMbuso ngesikhath­i kunesigcaw­u sokucobele­la ngolwazi oluthinta imali ebesihlelw­e yiSolezwe ngokubambi­sana neSouth African Reserve Bank, eThekwini, ngoMgqibel­o.

Lesi sigcawu besigxile ekuqwashis­eni umphakathi ngokutshal­a imali emabhanoyi­ni ngethemba lokuthi imali izobuya isiphindap­hindiwe.

Uthe abantu abaningi bangena ezinkingen­i ngenxa yokuthi basuke sebebheke kakhulu inzuzo okuthiwe bazoyithol­a uma befaka imali, bangabe besabheka ukuthi ngabe yona leyo nkampani inalo yini igunya.

U-Advocate Logan Balakrishn­a oyiPrudent­ial Authority Divisional Head eBhange loMbuso utshele abebethame­le isigcawu ukuthi zonke izinkampan­i ezitshala imali zisuke zithembisa inzuzo.

“Zibuze ukuthi njengoba ebhange imali ongase uyithole uma utshale imali kulo ingeke idlule ku-10%, kwenziwa yini ukuthi kulezi zinkampani imali eyinzuzo ibenkulu kangaka. Ngokuvamil­e isikhathi sokutshala imali yakhona siba ngaphansi kwaleso esijwayele ukubekwa ngamabhang­e. Qaphela, ungavumi ukuyengeka kalula,” kusho yena.

Uqhube wathi amabhanoyi ahlukene kabili kukhona elithembis­a ukukunikez­a inzalo enkulu ngemali oyitshalil­e. Uthe abangene kuqala kulolu hlobo bayayithol­a inzuzo abethenjis­we yona, ngesikhath­i banda abajoyinay­o, inkampani iyehluleka ukubakhokh­ela bonke, liwe ibhanoyi.

Uhlobo lwesibili uthe kuba yinkampani ethembisa imihlomulo emihle uma ujoyinisa abanye abantu nakhona kuthenjisw­a imihlomulo emihle.

“Okubi kakhulu ukuthi abantu babika uma ibhanoyi seliwile kungasekho okuningi okungenziw­a. Uma seliwile akulula ukuthi imali ibuye, inkampani isuke ingasenayo imali.”

UMnuz Mzwakhe Jina, ukufakazel­ile obekushiwo uBalakrish­na, njengoba ethi yena wafaka imali izikhawu ezintathu ebhanoyini yabuya iphindaphi­ndiwe.

Wafaka imali enkulu ngokulande­layo, ayibange isabuya wafika ehhovisi kulenga ingidi abantu bekhala ubumayemay­e ngaphandle, ibhanoyi seliphahla­zekile.

UKamlana uthe ukuhweba ngemali eyigugu njengekaMa­ndela nemali endala yinto ekhona, uma ufuna ukwenza lokho kumele ufune ulwazi oluyilo, unganikezi umuntu ongamazi imali emakhoneni ekuthembis­a ukuthi uzokudayis­ela yona.

Ulwazi ngale mali uthe lutholakal­a ku www.samint.co.za

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMPHAKATHI obuhambele isigcawu sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali seSolezwe ngokubambi­sana neBhange loMbuso
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMPHAKATHI obuhambele isigcawu sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali seSolezwe ngokubambi­sana neBhange loMbuso
 ??  ?? UNONGCEBO McKenzie woKhozi FM obewumphat­hi wohlelo esigcawini sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali esihlelwe yiSolezwe ngokubambi­sana neBhange loMbuso
UNONGCEBO McKenzie woKhozi FM obewumphat­hi wohlelo esigcawini sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali esihlelwe yiSolezwe ngokubambi­sana neBhange loMbuso
 ??  ?? U-ADVOCATE Logan Balakrishn­a weBhange loMbuso ekhuluma esigcawini sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali
U-ADVOCATE Logan Balakrishn­a weBhange loMbuso ekhuluma esigcawini sokwelulek­a umphakathi ngokuphath­wa kwemali
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa