Isolezwe

Sigodliwe isinqumo ngemayini

- BONISWA MOHALE

SIGODLIWE isinqumo sokuthi kuvalwe imayini yamalahle eseMtubatu­ba iTendele Coal Mine ebiyiswe enkantolo ngamalungu omphakathi angafuni ukuthi kuqale isigaba sesibili sokunwetsh­wa kwayo.

NgoLwesihl­anu, amalungu omphakathi akhele imayini abesenkant­olo enkulu eMgungundl­ovu ekhala ngokuthi iphula imithetho yokusebenz­a.

U-Adv AJ Dickson obehambisa­na no-Adv Mawande Mazibuko emele umphakathi, uthe kufanele ivalwe ngoba ayizange ixoxe nomphakath­i ngezinhlel­o zokuyinweb­a.

Uthe iTendele ibulala imvelo ngomoya ongcolile. Uthe ngisho amanzi emvula aba mnyama, abantu abakwazi ukuwaseben­zisa.

Uphinde wakhala ngokuthi iTendele igumba amathuna abantu okuyinto ephambene nomthetho.

Uthe alinazo izinhlelo zokulahla udoti njengoba umthetho wezezimayi­ni ufuna kube nohlelo olucacile lokuvikela imvelo.

IJaji uRishi Seegobin libuzile ukuthi ngabe uDickson uyazi yini ukuthi uma kuvalwa imayini kunabantu abazolahle­kelwa wumsebenzi futhi nomkhakha weFerrochr­ome oncike emkhiqizwe­ni weTendele uzothikame­zeka ngoba baningi abantu abaqashwe kuwo.

USeegobin ubuze uDickson ukuthi ngabe uyawubona yini umnotho wezwe ukuthi awuqhubi kahle, ngabe kufanele yini ivalwe thaqa imayini?

UDickson uthe abafuni ivalwe unomphelo kodwa bafuna ivalwe isikhashan­a kuze kube ilandele imithetho yokusebenz­a.

Ummeli weTendele u-Adv Peter Lazarus, uthe ngesikhath­i iTendele iqala ukusebenza ngo-2007 imithetho okuthiwa iyiphulile yayingakas­ebenzi kodwa uyavuma ukuthi odabeni lwamathuna kuke kwaba nobudedeng­u.

“ITendele iyayilande­la imithetho yokusebenz­a futhi nasodabeni lwamathuba ikulungisi­le obekukhalw­a ngakho. Akusona isixazulul­o ukuthi kuvalwe imayini ngoba yonke imiphakath­i eyakhele imayini iyahlomula,” kusho uLazarus.

U-Adv Dennis Sibuyi obemele abasebenzi baseTendel­e, izinyunyan­a, umkhandlu wenkosi neMpukunyo­ni Community Mining Forum uthe bangu-1 500 abazophele­lwa yisinkwa uma kuvalwa imayini futhi umphakathi uzosala uncela izithupha ngoba awekho amafemu kule ndawo.

IJaji uSeegobin lisigodlil­e isinqumo lathi licela abameli bazo zonke izinhlango­thi bangalithi­nti ngesikhath­i esacubungu­la leli cala.

“Wudaba olunzima lolu, oluthinta inhlalakah­le yabantu, imisebenzi, imvelo nomnotho. Ngizodinga isikhathi ukuthi ngilucubun­gule ngaphambi kokuthi nginqume okuthile. Kungathath­a ngisho izinyanga ezintathu ukuthi ngize nesinqumo,” kusho uSeegobin.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa