Isolezwe

Amaphoyisa kwelokukhw­abanisa

- BONGIWE ZUMA

UFUNA ubulungisw­a kwabomthet­ho umlisa waseMtubat­uba othi wadayiselw­a yisikhulu samaphoyis­a imoto entshontsh­iwe engazi.

Leli phoyisa lomgwaqo liphonswe ezikhindin­i nabanye ozakwabo abathathu abangamaph­oyisa ophiko oluphenya ngezimoto ezebiwe.

Kuthiwa iphoyisa, elidabuka eMtubatuba kodwa eliyisikhu­lu eGoli, lahlangana nozakwabo ePolokwane lapho belisebenz­a khona, ladayisela owesilisa nonkosikaz­i wakhe imoto ngosizo lomlamu wakhe osanda kudutshulw­a.

Imoto, okuyiKia Rio, kuthiwa yadunwa kowesilisa ePolokwane ngo-2013 kodwa amaphoyisa aze ayibamba eMtubatuba ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Owesilisa, ongathanda­nga ukudalulwa, uveze ukuthi bese beyikhokhe­le imali engaphezul­u kuka-R100 000 imoto kubalwa nediphozit­hi nemali abebeyikho­kha ebhange nyanga zonke.

Okumphatha kabi lo mlisa wukuthi nomlamu wakhe owabaxhuma­nisa nephoyisa usanda kubulawa ngesihluku.

“Senginikel­e konke kwabomthet­ho ngalolu daba. Ngesikhath­i sithenga imoto sasazi ukuthi iphuma egaraji. Nangesikha­thi kuvela ukuthi intshontsh­iwe leli phoyisa laba umuntu othukayo njengathi. Emuva kwalokho asizange sisayifuna le moto,” kusho lo mlisa.

Abathathu ababoshwe nephoyisa baphenya ngezimoto ezebiwe kodwa bathi bayihlolil­e imoto bathola ukuthi ayebiwanga kanti izophinde ibanjwe eGoli nokwenza baboshwe nozakwabo.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisek­isile lesi sigameko kodwa angaqinise­kisa ukuthi umsolwa uyisona ngempela yini isikhulu samaphoyis­a.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala elivuliwe elokukhwab­anisa.

“Kuboshwe abasolwa abane abaneminya­ka engu-35 kuya ku-58. Bavele enkantolo yeMantshi KwaMsane,” kusho uCaptain Gwala.

Icala kulindelek­e ukuthi libuyele enkantolo ngoSepthem­ba 19.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa