Isolezwe

Abamnyama bamfundise isifundo u-Adam Catzavelos

-

NGESONTO eledlule kuzamazame iNingizimu Afrika ngenxa ye-video eveze indoda yomlungu ebiziqopha isolwandle eGreece icwasa abantu abamnyama.

Kule-video,uMnuz Adam Catzavelos,uziqophe ebika isimo sezulu eveza nokuthi ujabule kanjani ngokuthi “alikho nelilodwa ikhafula” nathe lokhu kufana “nezulu emhlabeni.”

UCatzavelo­s, ongumnikaz­i wenkampani i-St George’s Fine Foods ngokubambi­sana nomndeni wakhe uxolisile emva kwezinsukw­ana kuvele le-video, cishe ezama ukubhula umlilo njengoba kunamakhas­imende avele azihlangul­a kubo.

Umndeni wakhe washeshe wamemezela ukuthi akaseyena omunye wabanikazi benkampani ngoba usedayise amasheya akhe. Kodwa ingcindezi yabantu abamnyama ezinkundle­ni zokuxhuman­a ibilokhu iqhubekile nokwenze amanye amakhasime­nde abo anqamula izinkontil­eka abenazo nabo.

Eminye imibiko iveze ukuthi uvaliwe nokuthi anyathele emagcekeni esikole okufunda kuso izingane zakhe.

Lokhu kubambisan­a okwenziwe ngabantu abamnyama bokufaka ingcindezi ekuthenini uCatzavelo­s ajeziswe kuhle futhi kuyadinga ukugqugquz­elwa.

Imvamisa uma kunezigame­ko ezifana nalezi lapho kuvela khona izenzo zokucwasa ngokwebala, isijeziso kuyaye kube yinto engathi shu. Okwenzeke kuCatzavel­os kuzoba yisifundo impela ngoba manje imiphumela yesenzo sakhe ishaye lapho kuzozwela khona impela njengoba nomndeni wakhe uthole amachaphaz­elo.

Kuyisicefe ukuthi selokhu kwaphatha uhulumeni wentando yabantu eNingizimu Afrika, abantu abamnyama yibona okufanele bahlale belula isandla futhi behlela ngezansi kwezinye izinhlanga.

UCatzavelo­s wayeziqoph­a nje, kukhona labo abathumele­la le-video abavumelan­a nalokhu ayekusho. Kuyafuneka kuzanywe ukubuyisan­a kodwa kufanele ibhekisisw­e le nto yokuthi kunezinto eziningi ezingagony­ulukiwe okufanele kudlulwe kuzo.

Kufanele kukhulunyw­e ngobandlul­ulo olusaqhube­ka namanje nangokuthi ukubuyisan­a akusho ukuthi abantu abamnyama yibona kuphela okumele behlele ngezansi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa