Masizihluphe sonke siqikelele ukuthi kuphephile ezikoleni
ISEHLAKALO sakamuva esenzeke eMasakhane High, eFolweni, lapho kugwazwe kwashona abafundi ababili, sisishaqise kakhulu siwuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Lesi sehlakalo sisiphathe kabi njengabantu abaphathiswe uMnyango wezeMfundo saphinde sasiphatha kabi njengabantu abangabazali. Kuyinto ebuhlungu obungefaniswe nalutho ukuthumela umntwana wakho esikoleni ukuthi ayozuza ulwazi abe nekusasa eliqhakazile bese uzwa izindaba zokuthi akasekho emhlabeni ngenxa yesenzo sobudlova okungamele engabe butholakala ezikoleni, okuyindawo yokubumba isizwe. Asithathe leli thuba siphinde sidlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe.
Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi izimo ezifuze lezi, yizimo ezijwayelekile ezikoleni zethu. Iqembu elibusayo lingiphathise lo mnyango ngoJuni 7, 2016.
Kwathi kungakapheli nesonto elilodwa ngiphathiswe umnyango kwadingeka ukuthi ngiye eMuden esifundeni saseMzinyathi, lapho omunye wabafundi,uNothile Tshabha, owayefunda eMuden Combined, wabulawa ngesihluku esendleleni eya esikoleni.
Ngathi ngisashaqiswe yilokho kwadingeka ukuthi ngiye eFolweni High ngoJuni 13, 2016, lapho kwakubulawe omunye umfundi,uLungelo Maphumulo, esigamekweni esinyantisayo sokugwazana kwabafundi.
Kwathi ngisamangele, kwadingeka ukuthi ngiye eNdukwende High, KwaMaphumulo, ngoJulayi 20, 2016, lapho kwakubulawe umfundi nonina kwesinye isigameko esinyantisayo.
Kuzoqapheleka ukuthi lezi zehlakalo engizibala ngenhla zenzeka kungakapheli nezinyanga ezimbili ngiphathiswe umnyango. Lokhu kuchaza kabanzi ukuthi kunengwadla enkulu esibhekene nayo siwuMnyango wezeMfundo.
Ziningi ezinye izehlakalo ezingamukeleki ezikhona ezikoleni zethu okubalwa kuzo ukuhlukumezana kwabafundi, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda, ukushaywa kothisha beshaywa ngabafundi, ukushaywa kulinyazwe abafundi beshaywa othisha (okuyinto ephambene nomthetho wezemfundo, iSouth African School Act), ubudlelwane bezocansi phakathi kothisha nabafundi nokuvalwa kwezikole zivalwa abazali uma kukhona izinto abangeneme ngazo.
Sinxusa imiphakathi nazozonke izinhlaka ezithintekayo kwezemfundo ukuthi zisebenze nathi siwumnyango ukulwa nazozonke lezi zinto ezithikameza ukufunda nokufundiswa kwabantwana bethu. Sinxusa ikakhulukazi abazali ukuthi bazibambe ziqine bakhulise abantwana ngendlela ezobenza ukuthi babe yizakhamizi eziziphethe ngobuqotho.
Imiphakathi yethu kumele izihloniphe izikole njengezizinda ezibalulekile zokwakha nokubumba isizwe. Abafundi kumele bavikelwe kwazise bayikusasa lesizwe sethu. Sifuna ukunxusa nemiphakathi yethu ukuthi ipheze ukukuthola kulula ukuphazamisa ukufunda ivale izikole uma kukhona izinto enganeme ngazo. Sesikusho kaningi ukuthi kumele kulandelwe imigudu efanele uma kukhona izinkinga okumele zixazululwe.
Ngihlale ngisho nsuku zonke ukuthi iminyango yamahhovisi ami ihlale ivulekile uma kukhona izinkinga esezehlule ukuthi zixazululeke kwamanye amazinga.
Ngesonto eledlule, lona leli phephandaba libike ukuthi abafundi baseCabangokuhle High, eTugela Ferry,bacekele phansi ingqalasizinda ngobakukhona abanganeme ngakho. Izenzo zokungaziphathi kahle ezifana nalezi kumele sizigweme ngayo yonke indlela. Izikole zethu kumele sizithathe njengezindawo ezingcwele, ezidinga ukuvikelwa ngaso sonke isikhathi.
Okunye okwatholakala kwiNational School Violence Study yango-2012 eyayibandakanya abafundi, othishanhloko nothisha yilokhu okulandelayo:
U-12. 2% wasatshiswa wumuntu okhona esikoleni.
U-6.3% washaywa esikoleni.
U-4.7% wahlukunyezwa ngokocansi noma wadlwengulwa esikoleni.
U-4.5% wabanjwa inkunzi esikoleni.
Lokhu kukodwa kukhombisa ukuthi udlame ludla lubi ezikoleni zethu. Nakuba sibafaka onogada kwezinye izikole ngokuvunyelwa yisabelomali kodwa umsebenzi wokuqikelela ukuphepha ezikoleni wumsebenzi wethu sonke.
Asisukume sakhe, siqikelele ukuphepha kwabafundi bethu, ukuphepha kwezikole zethu nokuthuthuka kwemfundo yabantwana bethu.
UMnuz Mthandeni Dlungwane unguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal.