Nginemibuzo ngodaba lomhlaba
Vusi Mlambo ENDINDINDI MHLELI: Ngibeka umbono ngodaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Umvusi wenyamazane akuvamisile ukuthi kube wuye oyishayayo ngoba iye ithi uma ivuka iqala ukubaleka ibaleke iye le kanti iyoziphonsa kwabanye abantu.
Ngalo mzekelo ngiqonde ukuthi umvusi wenyamazane ewudaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nguJulius Malema neqembu lakhe le-EFF kodwa le nyamazane sibona isitshathwe yi-ANC.
Nginemibuzo eminingi engidinga ukuphendulwa kuyo mayelana nalolu daba olusematheni lokuthathwa komhlaba.
Lo mhlaba uma usuthathwa ubuyiselwa kubantubebala, laba abangabanikazi bawo okwamanje iningi labo okungabamhlophe, bayoshoniswaphi?
Thina bantubebala ngabe sesihlome ngokwanele yini ngolwazi nangamakhono ukuthi uma sinikwa umhlaba siyazi ukuthi sizowenzani?
Bazohlonzwa kanjani abantu okumele bahlomule kulolu hlelo lokubuyiswa komhlaba?
Nginomuzwa wokuthi noma unganikwa abantubebala umhlaba kodwa lo oseduze namadolobha uzogcwala imijondolo.
Uhulumeni ophethe ngimbona esethole iphuzu lokucasha ngesithupha odabeni lokuthi anikeze abantu izindlu waphinde wathola iphuzu lezepolitiki ngalolu daba lomhlaba nasezokhankasa ngalo.
Nginomuzwa wokuthi kuyimanje ayikho indlela ebekiwe yokuthi uzokwabiwa kanjani wona lo mhlaba usunikwa thina bebala. Ngike ngezwa uMalema ethi umuntu wesifazane ngamunye uzothola i-hectare elilodwa. Lokhu akuwenzanga sidalo umqondo kimi kuze kube yinamhlanje.
Iqiniso limile lithi nje uhulumeni akakhele abantu izindlubese kuqhubeka udaba lokuthathwa komhlaba okuhamba nesinxephezelo ukuze kube nozinzo nasemnothweni wezwe. Uma le mpi yobuhlanga iqhubeka sizofana neZimbabwe. Lokho kufakazelwa wukuthi ukuphawula kukamengameli uDonald Trump ngalolu daba kwenze irandi ladunguzela.
Le ndaba yokuthathwa komhlaba ngale ndlela izosibuyisela emumva ngoba kimina ivela iwubandlululo ngokwebala. Umfundi weSolezwe