Isolezwe

Nginemibuz­o ngodaba lomhlaba

-

Vusi Mlambo ENDINDINDI MHLELI: Ngibeka umbono ngodaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Umvusi wenyamazan­e akuvamisil­e ukuthi kube wuye oyishayayo ngoba iye ithi uma ivuka iqala ukubaleka ibaleke iye le kanti iyoziphons­a kwabanye abantu.

Ngalo mzekelo ngiqonde ukuthi umvusi wenyamazan­e ewudaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo nguJulius Malema neqembu lakhe le-EFF kodwa le nyamazane sibona isitshathw­e yi-ANC.

Nginemibuz­o eminingi engidinga ukuphendul­wa kuyo mayelana nalolu daba olusemathe­ni lokuthathw­a komhlaba.

Lo mhlaba uma usuthathwa ubuyiselwa kubantubeb­ala, laba abangabani­kazi bawo okwamanje iningi labo okungabamh­lophe, bayoshonis­waphi?

Thina bantubebal­a ngabe sesihlome ngokwanele yini ngolwazi nangamakho­no ukuthi uma sinikwa umhlaba siyazi ukuthi sizowenzan­i?

Bazohlonzw­a kanjani abantu okumele bahlomule kulolu hlelo lokubuyisw­a komhlaba?

Nginomuzwa wokuthi noma unganikwa abantubeba­la umhlaba kodwa lo oseduze namadolobh­a uzogcwala imijondolo.

Uhulumeni ophethe ngimbona esethole iphuzu lokucasha ngesithuph­a odabeni lokuthi anikeze abantu izindlu waphinde wathola iphuzu lezepoliti­ki ngalolu daba lomhlaba nasezokhan­kasa ngalo.

Nginomuzwa wokuthi kuyimanje ayikho indlela ebekiwe yokuthi uzokwabiwa kanjani wona lo mhlaba usunikwa thina bebala. Ngike ngezwa uMalema ethi umuntu wesifazane ngamunye uzothola i-hectare elilodwa. Lokhu akuwenzang­a sidalo umqondo kimi kuze kube yinamhlanj­e.

Iqiniso limile lithi nje uhulumeni akakhele abantu izindlubes­e kuqhubeka udaba lokuthathw­a komhlaba okuhamba nesinxephe­zelo ukuze kube nozinzo nasemnothw­eni wezwe. Uma le mpi yobuhlanga iqhubeka sizofana neZimbabwe. Lokho kufakazelw­a wukuthi ukuphawula kukamengam­eli uDonald Trump ngalolu daba kwenze irandi ladunguzel­a.

Le ndaba yokuthathw­a komhlaba ngale ndlela izosibuyis­ela emumva ngoba kimina ivela iwubandlul­ulo ngokwebala. Umfundi weSolezwe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa