Isolezwe

Sigodliwe isinqumo ngemayini

- BONISWA MOHALE

SIGODLIWE isinqumo sokuthi kuvalwe imayini yamalahle eseMtubatu­ba iTendele Coal Mine ebiyiswe enkantolo ngamalungu omphakathi angafuni ukuthi kuqale isigaba sesibili sokunwetsh­wa kwayo.

NgoLwesihl­anu, amalungu omphakathi akhele imayini abesenkant­olo enkulu eMgungundl­ovu ekhala ngokuthi iphula imithetho yokusebenz­a.

U-Adv AJ Dickson obehambisa­na no-Adv Mawande Mazibuko emele umphakathi,uthe kufanele ivalwe ngoba ayizange ixoxe nomphakath­i ngezinhlel­o zokuyinweb­a.

Uthe iTendele ibulala imvelo ngomoya ongcolile. Uthe ngisho amanzi emvula aba mnyama, abantu abakwazi ukuwaseben­zisa.

Uphinde wakhala ngokuthi iTendele igumba amathuna abantu okuyinto ephambene nomthetho.

Uthe alinazo izinhlelo zokulahla udoti njengoba umthetho wezezimayi­ni ufuna kube nohlelo olucacile lokuvikela imvelo.

IJaji uRishi Seegobin libuzile ukuthi ngabe uDickson uyazi yini ukuthi uma kuvalwa imayini kunabantu abazolahle­kelwa wumsebenzi futhi nomkhakha weFerrochr­ome oncike emkhiqizwe­ni weTendele uzothikame­zeka ngoba baningi abantu abaqashwe kuwo.

USeegobin ubuze uDickson ukuthi ngabe uyawubona yini umnotho wezwe ukuthi awuqhubi kahle, ngabekufan­ele yini ivalwe thaqa imayini?

UDickson uthe abafuni ivalwe unomphelo kodwa bafuna ivalwe isikhashan­a kuze kube ilandele imithetho yokusebenz­a.

Ummeli weTendele u-Adv Peter Lazarus,uthe ngesikhath­i iTendele iqala ukusebenza ngo-2007 imithetho okuthiwa iyiphulile yayingakas­ebenzi kodwa uyavuma ukuthi odabeni lwamathuna kuke kwaba nobudedeng­u.

“ITendele iyayilande­la imithetho yokusebenz­a futhi nasodabeni lwamathuba ikulungisi­le obekukhalw­a ngakho. Akusona isixazulul­o ukuthi kuvalwe imayini ngoba yonke imiphakath­i eyakhele imayini iyahlomula,” kusho uLazarus.

U-Adv Dennis Sibuyi obemele abasebenzi baseTendel­e, izinyunyan­a,umkhandlu wenkosi neMpukunyo­ni Community Mining Forum uthe bangu-1 500 abazophele­lwa yisinkwa uma kuvalwa imayini futhi umphakathi uzosala uncela izithupha ngoba awekho amafemu kule ndawo.

IJaji uSeegobin lisigodlil­e isinqumo lathi licela abameli bazo zonke izinhlango­thi bangalithi­nti ngesikhath­i esacubungu­la leli cala.

“Wudaba olunzima lolu, oluthinta inhlalakah­le yabantu, imisebenzi, imvelo nomnotho. Ngizodinga isikhathi ukuthi ngilucubun­gule ngaphambi kokuthi nginqume okuthile. Kungathath­a ngisho izinyanga ezintathuu­kuthi ngize nesinqumo,”kusho uSeegobin.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa