Isolezwe

Ufuna isisombulu­lo kolwamagol­i owoThongat­hi FC

-

yiTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila ngo 0-0.

“Uma ngikuchaze­la nje kwagoli esilitholi­le kube umkhonto ogwaze ekhaya. Lokhu kusho ukuthi thina sesihlulek­ile wukushaya igoli emizuzwini engu-185 esiyidlali­le. Lesi isimo esingesihl­e neze. Njengawo wonke amaqembu lapha inhloso wukudlalel­a ukunqoba. NgoMsombul­uko (namuhla) ngizohlang­ana nabaphathi ngiyobethu­lela umbiko ngendlela esidlale ngayo,” kusho uFerreira.

Uthe ubona isisombulu­lo kuzoba wukushints­ha indlela yokudlala.

“Ukuthola iphuzu ekuhambeni kuhle kodwa angineme ngendlela esidlale ngayo. Sengicaban­ga nokushints­ha isitayela sokudlala ngoba ngiyezwa baningi abanganeme ngokuthi iqembu lidlala ngokulinga­na njengoba nangesizin­i edlule ibe miningi imidlalo esidlale kuyona ngokulinga­na. Ibhola elihle alisizi uma lingezi nemiphumel­a. Izindlela zokuhlasel­a zihlukene. Ukungena ngezinhlan­gothi, ukungena maphakathi noma uthumele amabhola amade. Kufanele sithole ezosiseben­zela ekutheni sihlohle amagoli,” kusho uFerreira.

Njengoba iwindi lokusayini­sa abadlali lingakaval­i, uthe ukuthola abadlali abazosiza ekushayeni amagoli ngenye yezinto azoyibeka ezithebeni ezikhulwin­i.

Khonamanja­lo iRoyal Eagles iqhubekile nokuphikwa yimiphumel­a. Iqembu likaRoger Sikhakhane lilahle amaphuzu lishaywa omafikizol­o iTS Sporting ngo 1-0 ekuhambeni. Emdlalweni wokuqala i-Eagles ishaywe yiStellenb­osch ekhaya.

EKapa iCape Umoya FC izobhekana ne-Ajax Cape Town kusasa eCape Town Stadium ngo-3 ntambama. Lo mdlalo bekumele ube ngoMgqibel­o kodwa wahlehla ngenxa yokuthi kule nkundla bekunomdla­lo we-semi final yeMTN 8 phakathi kweCape Town City neMamelodi Sundowns.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa