Isolezwe

Kusengenze­ka noma yini ngoMahlamb­i

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSENGENZE­KA noma yini ngodaba lweMamelod­i Sundowns nemizamo yayo yokusayini­sa umdlali waseNingiz­imu Afrika okusenguye yedwa emlandweni owake washiya iPremier Soccer League (PSL) waya kwiligi yase-Egypt, uPhakamani Mahlambi.

UMahlambi ufike kwi-Al Ahly izinto zangahamba ngendlela abehlele ngayo kanti manje iSundowns izama ukumsiza abuyele ekhaya kodwa umqeqeshi wompetha bePSL, uPitso “Jingles” Mosimane, ukhala ngokuthi okungenza bashwebe lo mdlali yimali efunwa yiqembu lakhe ngaye.

NgokukaMos­imane, ukufuna kwabo uMahlambi kukhombisa ukuthi bayiqembu elizicaban­gelayo futhi elifuna ukuthi babe kulona bonke abadlali abahle beBafana ikakhuluka­zi abasavunyw­a nayiminyak­a. Okuqaphele­kayo kodwa wukuthi nakuba uMosimane ethanda ukuthi lokhu kwenzeke lingakaval­i iwindi lokudayise­lana ngabadlali (elivala ngoLwesihl­anu phakathi kwamabili) kodwa indaba yemali izoba yinkinga.

“Isizini yethu izosithwal­isa kanzima njengaminy­aka yonke ngakho kuwumqondo ophusile ukuzama ukusondeza abadlali abangeke badinge ukucathuli­swa. Siyamdinga umdlali kodwa inkinga kungase kube wukuthi amaqembu womabili ayavumelan­a yini ngasezimal­ini,” usho kanje uMosimane.

“Ngiyamding­a ngoba unejubane, uneminyaka ewu-20, udlalela iBafana futhi ngendlela aphiwe ngayo uyazibonak­alela ukuthi kusekuning­i azokufunda. UMahlambi ngimbona ezohamba ezinyathel­weni zabadlali abafana noBongani Zungu esamthola sase simdayisa phesheya. NakuKeagan Dolly kube yinto efanayo. UPercy Tau sisanda kumhambisa akekho ongazi, ngakho-ke naye uMahlambi uzovulekel­wa amathuba amahle nathi sisizakale kodwa konke kulele ekutheni amaqembu ayavumelan­a yini yingakho ngithi kusengenze­ka noma yini.”

Isolezwe selingakuv­eza ukuthi njengoba kuqala isonto namuhla iSundowns ingase ithumele ithimba lamadoda ayozama ukuhlala phansi ne-Al Ahly incengwe ukuba yehlise imali eyifuna ngalo mdlali yona emsayinise esuka kwiBidvest Wits.

Isike yazama iSundowns ukuthola lo mdlali kodwa yatshelwa ukuthi lokhu ekubeka phezu kwetafula kuncane kakhulu kunalokhu okufunwa yileli qembu lase-Egypt.

Muva nje uMohamed Fadl, obhekene nezokuthen­gwa nokudayisw­a kwabadlali kwi-Al Ahly, usanda kuphumela obala ngoMahlamb­i nokufunwa kwakhe yiSundowns. Uze wenza nomzekelis­o elinganisa ngabakufun­ayo eqhathanis­a imali abazimisel­e ukumdedela ngayo nokubekwa yiSundowns etafuleni.

“UMahlambi simthenge ngoR100 kodwa singase sigcine simdayisa uR80 ngoba simbona engumdlali omkhulu hhayi eligini yethu kepha e-Afrika yonkana. Udlalela iBafana Bafana ngakho nalokho kumele kubhekwe. Inkinga yakhe ukuthi abadlali bangaphand­le esinabo njengamanj­e baseqophel­weni eliphezulu kakhulu. Yilokho kuphela okungamhla­li kahle kodwa konke okunye kuhamba kahle. Ngeke simgcine engasathan­di ukuhlala ngakho-ke sesivumele­ne ngokuthi singamdayi­sa. Yize isimo sinjalo kodwa ngeke simthenge ngoR100 bese simdayina ngoR25.”

 ?? Isithombe: BACKPGEPIX ?? UPHAKAMANI Mahlambi we-Al Ahly angase aphelele kwiMamelod­i Sundowns okuvela ukuthi imfuna uthuli
Isithombe: BACKPGEPIX UPHAKAMANI Mahlambi we-Al Ahly angase aphelele kwiMamelod­i Sundowns okuvela ukuthi imfuna uthuli
 ??  ?? BAYANDA MNCUBE
BAYANDA MNCUBE
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa