Kusengenzeka noma yini ngoMahlambi
KUSENGENZEKA noma yini ngodaba lweMamelodi Sundowns nemizamo yayo yokusayinisa umdlali waseNingizimu Afrika okusenguye yedwa emlandweni owake washiya iPremier Soccer League (PSL) waya kwiligi yase-Egypt, uPhakamani Mahlambi.
UMahlambi ufike kwi-Al Ahly izinto zangahamba ngendlela abehlele ngayo kanti manje iSundowns izama ukumsiza abuyele ekhaya kodwa umqeqeshi wompetha bePSL, uPitso “Jingles” Mosimane, ukhala ngokuthi okungenza bashwebe lo mdlali yimali efunwa yiqembu lakhe ngaye.
NgokukaMosimane, ukufuna kwabo uMahlambi kukhombisa ukuthi bayiqembu elizicabangelayo futhi elifuna ukuthi babe kulona bonke abadlali abahle beBafana ikakhulukazi abasavunywa nayiminyaka. Okuqaphelekayo kodwa wukuthi nakuba uMosimane ethanda ukuthi lokhu kwenzeke lingakavali iwindi lokudayiselana ngabadlali (elivala ngoLwesihlanu phakathi kwamabili) kodwa indaba yemali izoba yinkinga.
“Isizini yethu izosithwalisa kanzima njengaminyaka yonke ngakho kuwumqondo ophusile ukuzama ukusondeza abadlali abangeke badinge ukucathuliswa. Siyamdinga umdlali kodwa inkinga kungase kube wukuthi amaqembu womabili ayavumelana yini ngasezimalini,” usho kanje uMosimane.
“Ngiyamdinga ngoba unejubane, uneminyaka ewu-20, udlalela iBafana futhi ngendlela aphiwe ngayo uyazibonakalela ukuthi kusekuningi azokufunda. UMahlambi ngimbona ezohamba ezinyathelweni zabadlali abafana noBongani Zungu esamthola sase simdayisa phesheya. NakuKeagan Dolly kube yinto efanayo. UPercy Tau sisanda kumhambisa akekho ongazi, ngakho-ke naye uMahlambi uzovulekelwa amathuba amahle nathi sisizakale kodwa konke kulele ekutheni amaqembu ayavumelana yini yingakho ngithi kusengenzeka noma yini.”
Isolezwe selingakuveza ukuthi njengoba kuqala isonto namuhla iSundowns ingase ithumele ithimba lamadoda ayozama ukuhlala phansi ne-Al Ahly incengwe ukuba yehlise imali eyifuna ngalo mdlali yona emsayinise esuka kwiBidvest Wits.
Isike yazama iSundowns ukuthola lo mdlali kodwa yatshelwa ukuthi lokhu ekubeka phezu kwetafula kuncane kakhulu kunalokhu okufunwa yileli qembu lase-Egypt.
Muva nje uMohamed Fadl, obhekene nezokuthengwa nokudayiswa kwabadlali kwi-Al Ahly, usanda kuphumela obala ngoMahlambi nokufunwa kwakhe yiSundowns. Uze wenza nomzekeliso elinganisa ngabakufunayo eqhathanisa imali abazimisele ukumdedela ngayo nokubekwa yiSundowns etafuleni.
“UMahlambi simthenge ngoR100 kodwa singase sigcine simdayisa uR80 ngoba simbona engumdlali omkhulu hhayi eligini yethu kepha e-Afrika yonkana. Udlalela iBafana Bafana ngakho nalokho kumele kubhekwe. Inkinga yakhe ukuthi abadlali bangaphandle esinabo njengamanje baseqophelweni eliphezulu kakhulu. Yilokho kuphela okungamhlali kahle kodwa konke okunye kuhamba kahle. Ngeke simgcine engasathandi ukuhlala ngakho-ke sesivumelene ngokuthi singamdayisa. Yize isimo sinjalo kodwa ngeke simthenge ngoR100 bese simdayina ngoR25.”