Akawuvali umlomo ngoMncube umhlwayi wekhono
UCHAZEKE wehluleka nokulinda umhlwayi wekhono ngomdlali oshaye into ecokeme ngesikhathi kunomqhudelwano iMthonjaneni Mayoral Cup eMelmoth Sports Field ngempelasonto.
UTeboho “Tebza Ngwana” Moloi ongumhlwayi wekhono oke wagijima kwiMaritzburg United neBay United eminyakeni edlule, uthe ikhono alibone kuBayanda Mncube limenze waxhumana neJomo Cosmos neTS Galaxy okungamaqembu ayibamba kwiNational First Division (NFD) ukuze anike uMncwabe, waseNdundulu, eMthonjaneni, ithuba lokuziqeqesha. Ushiye izinkumbi zabantu zifuna impinda ngempelasonto.
UMncube (19), obedlalela iBlue Stars ekhale yemuka nesicoco seMayoral Cup nonyaka, ubelibamba kuzwakale esiswini, aphinde aphase into engasukumi phansi. Isikweqe sakwabo, ebesigqoke ijezi unombolo 10, ngokusho kwaso sike sadlala kuMaZulu FC eminyakeni edlule.
“I-TS Galaxy, eqeqeshwa uBenson Mhlongo, ibingitshele ukuthi ifuna umdlali waseswini okwazi ukuhlasela. Angingabazi ukuthi uMncube ngumdlali emdingayo. Ngimhambisa khona njengoba ngikhuluma nawe (esho izolo ntambama). Inkinga-ke esengihlangabezane nayo wukuthi noJomo Sono weJomo Cosmos usethe naye uyamfuna ngakho ngidunyelwa yikhanda njengamanje. Okubalulekile wukuthi umfana athole ithuba lokudlala, yilokho nje engifuna kwenzeke,” kusho Moloi oveze ukuthi baningi abadlali asebasizile kunobhutshuzwayo phakathi kwabo kukhona uSiphelele Ntshangase weKaizer Chiefs.
UMoloi uveze ukuthi ikhono analo uMncube likhombisa ngokusobala ukuthi usebuya eqenjini elikhulu njengoSuthu. “Ulibamba lithule du. Uyazazi ukuthi ukuphi ngasikhathi sini, futhi uyakwazi okumele akwenze uma ibhola lifika ezinyaweni zakhe. Kuyangithusa ukuthi AmaZulu akwazi ukudedela umdlali owulolu hlobo kodwa-ke hleze wayengadalelwe ukudlala khona,” kuphetha uMoloi.