Ufuna isisombululo kolwamagoli owoThongathi FC
yiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 0-0.
“Uma ngikuchazela nje kwagoli esilitholile kube umkhonto ogwaze ekhaya. Lokhu kusho ukuthi thina sesihlulekile wukushaya igoli emizuzwini engu-185 esiyidlalile. Lesi isimo esingesihle neze. Njengawo wonke amaqembu lapha inhloso wukudlalela ukunqoba. NgoMsombuluko (namuhla) ngizohlangana nabaphathi ngiyobethulela umbiko ngendlela esidlale ngayo,” kusho uFerreira.
Uthe ubona isisombululo kuzoba wukushintsha indlela yokudlala.
“Ukuthola iphuzu ekuhambeni kuhle kodwa angineme ngendlela esidlale ngayo. Sengicabanga nokushintsha isitayela sokudlala ngoba ngiyezwa baningi abanganeme ngokuthi iqembu lidlala ngokulingana njengoba nangesizini edlule ibe miningi imidlalo esidlale kuyona ngokulingana. Ibhola elihle alisizi uma lingezi nemiphumela. Izindlela zokuhlasela zihlukene. Ukungena ngezinhlangothi, ukungena maphakathi noma uthumele amabhola amade. Kufanele sithole ezosisebenzela ekutheni sihlohle amagoli,” kusho uFerreira.
Njengoba iwindi lokusayinisa abadlali lingakavali, uthe ukuthola abadlali abazosiza ekushayeni amagoli ngenye yezinto azoyibeka ezithebeni ezikhulwini.
Khonamanjalo iRoyal Eagles iqhubekile nokuphikwa yimiphumela. Iqembu likaRoger Sikhakhane lilahle amaphuzu lishaywa omafikizolo iTS Sporting ngo 1-0 ekuhambeni. Emdlalweni wokuqala i-Eagles ishaywe yiStellenbosch ekhaya.
EKapa iCape Umoya FC izobhekana ne-Ajax Cape Town kusasa eCape Town Stadium ngo-3 ntambama. Lo mdlalo bekumele ube ngoMgqibelo kodwa wahlehla ngenxa yokuthi kule nkundla bekunomdlalo we-semi final yeMTN 8 phakathi kweCape Town City neMamelodi Sundowns.