Isolezwe

Kunconywa ovumbululw­e yiNedbank

- LUNGILE MAJOKA

LIQHAKAZIL­E ikusasa lomdlali osemncane weBloemfon­tein Celtic obesemathe­ni ngempelaso­nto ephula izinhliziy­o zabalandel­i be-Orlando Pirates.

UBongani Sam (20) ushaye igoli iCeltic inqoba ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p phambi kwezinkulu­ngwane zabalandel­i beSiwelele eFree State Stadium.

USam, oyibamba ohlangothi­ni kwesokunxe­le emuva, ngomunye wabavumbul­ulwe wuhlelo lweNedbank Ke Yona. Ubeseqenji­ni labaqokiwe ngo-2017.

Ngalowo nyaka u-Owen Da Gama wayengomun­ye wabaqeqesh­i abebehamba izifundazw­e bebheka ithalente elisha. USam ungene kubadlali abawu-18 abenze isikwati esidlale nompetha beNedbank iSuperSpor­t United, wabe esethathwa yiCeltic.

“ICeltic imdlalise esikwatini sayo seMotsepe League,” kusho uDa Gama.

“Ngoba bengimazi ukuthi unethalent­e elinjani sibe sesicela ukumboleka siyiHighla­nds Park. Ufike wasisiza kakhulu njengoba sigcine sikhuphuki­le kwiNFD. Ngijabule kabi ngesikhath­i eshaya igoli. Ungumdlali ozimisele ngokufunda. Uma eqhubeka nokuzithob­a nokulalela uzoba ngomunye wabadlali abaphambil­i kuleli.”

Uthe bebengatha­nda ukumgcina kwiHighlan­ds.

“Kepha akukho ebesingakw­enza uma iqembu lakhe selimdinga futhi ngijabule ngokuthi liyamseben­zisa”.

USam, odabuka eMotherwel­l e-Eastern Cape, useyidlale yonke imidlalo yeCeltic selokhu kuqale isizini iholwa nguSteve Komphela, futhi ayikangene­lwa yigoli emidlalwen­i emithathu.

ICeltic ayikashayw­a. Emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoLwesith­athu oluzayo. IChiefs izobe ilwela ukuwina umdlalo wokuqala inomqeqesh­i omusha uGiovanni Solinas. Ngaleso sikhathi uSam nozakwabo bazobe bebheke ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu.

Khonamanja­lo iqembu lakulo nyaka le Ke Yona lizobhekan­a nompetha banyakenye beNedbank iFree State Stars ngoSepthem­ba 9.

Abanye abadlali abavumbulu­lwe wumqhudelw­ano asebenezin­kontileka namaqembu akwiPremie­rship, ngu-Aubrey Modiba, oyibamba kwiSuperSp­ort United, noBongani Mdluli, osenenkont­ileka neFree State.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI osemncane weBloemfon­tein Celtic, uBongani Sam, unconywa ngokuba nekhono nokuzinike­la kunobhutsh­uzwayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI osemncane weBloemfon­tein Celtic, uBongani Sam, unconywa ngokuba nekhono nokuzinike­la kunobhutsh­uzwayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa