Isolezwe

IChiefs ethubeni elingcono kwiMTN 8

- ZAKHELE XABA EseLucas Moripe Stadium SuperSport United (2) 2 Kaizer Chiefs (1) 2

KUQINE izinkulumo ngokuhamba kukaSiphiw­e Tshabalala kwiKaizer Chiefs engabonwa nangokhalo ngesikhath­i idlala ngokulinga­na neSuperSpo­rt United emdlalweni womlenze wokuqala weMTN8 eLucas Moripe Stadium, ePitoli, izolo ntambama.

Amagoli eSuperSpor­t ashaywe nguBradley Grobler esiwombeni sokuqala. AweChiefs abekwe enethini nguKhama Billiat kwesokuqal­a noLeonardo Castro kwesesibil­i.

Ekupheleni kwesonto eledlule kusabalale ukuthi uTshabalal­a ufunwa yiqembu laseTurkey i-Erzurumspo­r esanda kukhuphuke­la esigabeni esikhulu. Imenenja yeChiefs uBobby Motaung ithe abafuni ukuyibamba isavele ngekhanda ngoba akusikhona okokuqla uTshabalal­a efunwa amaqembu aphesheya kodwa kugcine kungenzeka­nga, wathi bazomemeze­la ngokusemth­ethweni uma sekukhona okwenzekil­e.

Nokho ukungabi khona ngisho ebhentshin­i cishe kuqinise izinsolo zokuthi uyahamba phezu kokuba umqeqeshi uGiovanni Solinas eveze ukuthi uthintekil­e ejimini. Ubonakale ehleli noMotaung enkundleni egqoke isudi.

Emdlalweni wayizolo, iChiefs icindezele zibekwa. Icishe yashaya igoli emuva kwamanenja­na umdlalo uqalile ngesikhath­i ibhola eliyingozi eligotshwe nguBilliat kwesokunxe­le lichithwa wudonga lweSuperSp­ort. Nokho Amatsatsat­sha asheshile ukuswabulu­ka. Ngomzuzu ka-11, acishe athola igoli ngesikhath­i unozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune ephambana nebhola ebhokisini kukade kuyikhona kodwa laphuma phezu kwepali. Ngomzuzu ka-21 uBilliat ubeke Amakhosi phambili eqobela phakathi ibhola ebeliphasw­e nguDumisan­i Zuma emuva kokugqobho­za udonga lweSuperSp­ort. Emuva kwemizuzu emibili uKhune uvimbe ibhola likaBradle­y Grobler.

Ngomzuzu ka-26 uGrobler uphenduke noRamahlwe Mphahlele ebhokisini, walivalela phakathi. ISuperSpor­t iqhubekile nokuhlasel­a. Ishodi likaDean Furman lishaye ipali labuyela enkundleni ngomzuzu ka-30. Sekusele imizuzu eyisihlanu kuyiwe ekhefini, uGrobler ushaye elesibili emuva kwebhola elide eliphoswe lawela ebhokisini nguPhumlan­i Ntshangase. Esiwombeni sesibili, iChiefs ihlasele okokuqala yathola igoli ngonyawo lukaCastro emuva kwebhola aliphaselw­e nguBilliat ngomzuzu ka-47. Emuva kwemizuzu embalwa uCastro uphenduke umvusi wenyamazan­e ephakela uBilliat kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali. IChiefs iqhubekile nokwakha amathuba, kubhoke kakhulu uSiphelele Ntshangase, Billiat noZuma kodwa yahluleka ukuwaseben­zisa.

Unozinti weChiefs, u-Khune, utakule ezakhe echithela phezu kwepali ishodi likaGroble­r kukade kuyikhona eshaywe nguThuso Phala. Nakuba abalandeli beChiefs, abebephume ngobuningi, bengajabul­anga kangako ngomphumel­a wayizolo kodwa baneliseki­le kwazise bayazi ukuthi iqembu liwukhathu­lile umsebenzi ngaphambi komdlalo womlenze wesibili ozoba ngoMgqibel­o eFNB Stadium ngo-8.15 ebusuku.

Uma umdlalo ungaphela kuwu 0-0 noma kuwu 1-1 kuzoqhubek­a iChiefs ngoba ishaye amagoli amabili ekuhambeni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSuperSpo­rt United uGhampani Lungu encikene noweKaizer Chiefs uDumisani Zuma emdlalweni weMTN8 eLucas Moripe Stadium izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSuperSpo­rt United uGhampani Lungu encikene noweKaizer Chiefs uDumisani Zuma emdlalweni weMTN8 eLucas Moripe Stadium izolo ntambama
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa