AbeBanyana abayibambe phesheya kwiCosafa Cup
LIQINISWE ngabadlali abayibamba phesheya kwezilwandle iqembu lesizwe labesifazane iBanyana Banyana elizodlala kwiCosafa Cup ngenyanga ezayo.
Izolo umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, umemezele abadlali abawu-20 azobe egadla ngabo kulo mqhudelwano osePort Elizabeth ngoSepthemba 12 kuya ku-22.
Elakuleli yilona elingompetha njengoba linqobe lo mqhudelwano nyakenye, u-Ellis wazifaka emlandweni ngokuwunqoba njengomdlali nanjengomqeqeshi.
Esikwatini asethule izolo kukhona ukaputeni uJanine van Wyk nozakwabo kwiHouston Dash yase-USA, uLinda Motlhalo noThembi Kgatlana.
UMotlhalo noKgatlana babizwa esikwatini nje ngempelasonto bebesematheni e-USA njengoba beshayele iHouston Dash amagoli emdlalweni wayo weligi ihlula iSky Blue FC ngo 6-1.
Umdlalo weqembu labo wokugcina weligi ungoSepthemba 8.
Abanye abadlali asebezinze phesheya abasesikwatini yiphini likakaputeni uRefiloe Jane osanda kusayina neqembu lase-Australia, iCanberra nonozinti uKaylin Swart weMenlo College e-USA.
U-Ellis uthe wethemba ukuthi ukuba khona kwalaba badlali kuzolisiza iqembu. Ufuna ukusebenzisa iCosafa ukuzicijela iWomen’s Africa Cup of Nations (Afcon) engoNovemba.
Abadlali beDash bagcina ukuba yingxenye yeqembu ngoMashi kwiCyprus Cup.
“Yizindaba ezimnandi kithina ukuthi sizokwazi ukuthola laba badlali. Sethemba ukuthi amava abo azosilekelela njengoba sifuna ukwakha isisekelo esiqinile ngaphambi kwe-Afcon,” kusho u-Ellis kwiwebsite yeSafa.
Abadlali bazoqala ikhempu ePort Elizabeth ngoMsombuluko ozayo.
Umqhudelwano walo nyaka we-Afcon uzobe ungowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo. IBanyana ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba. Uma izimisele ngalokhu kumele iqede okungenani endaweni yesithathu kwi-Afcon.
Khonamanjalo imibiko eqhamuke izolo ithe i-Afcon ngeke isaya eGhana ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi leli lizwe alinazo izinkundla ezifanele.
Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika kulindeleke ukuthi imemezele ngenyanga ezayo izwe elisha elizoba ngosokhaya. Isikwati seBanyana: Onozinti: Kaylin Swart, Roxanne Barker, Andile Dlamini.
Emuva; Lebohang Ramalepe, Nothando Vilakazi, Janine van Wyk, Bambanani Mbane, Regina Mogolola.
Esiswini: Kgaelebane Mohlakoane, Kholosa Biyana, Refiloe Jane, Thato Letsoso, Nompumelelo Nyandeni, Hildah Magaia, Linda Motlhalo, Thembi Kgatlana.
Phambili: Jermaine Seoposenwe, Melinda Kgadiete, Chantelle Esau, Noko Matlou.