Kuningi okonakele uma kukhulunywa ngokuthwasa
NGESONTO ngiqale izinkulumo ohlelweni Izwi Labantu oKhozini. Ngiqale ngenkulumo ethinta ukuthwasa ngenabela incwadi engiyibhalayo esihloko sithi: Umsamo Nokuthwasa Kwethwasa. Le ncwadi ingumphumela wocwaningo ebengilokhu ngilwenza ngokuthwasa kwabantu namathwasa kanjalo nogobela ekuthwasiseni. Kuningi okuvelile ngoba bengifuna ukuthola ukuthi amathwasa angaka namhlanje avelaphi? Kudalwa yini ukuthi uma la mathwasa esephothulile angasebenzi? Kokunye uma esephothulile ayasebenza kuthi makhathaleni umsebenzi unyamalale. Ngabe lokho kudalwa yini? Uma kuthwaswa noma kuthwasiswa kusuke kuthwasa noma kuthwasiswa bani? Imibuzo ethinta umnikazi wempande nesikhwama, nokuthi ungenwe ngubani, nobunyanga nemimoya ekungenile ukuthi iwuhlobo luni kuphenduliwe encwadini Umsamo Nomhlahlo Wezangoma. Yonke le mibuzo igcina iphendula umbuzo othi yini ukuthwasa?
Namhlanje sifuna ukuthola ukuthi ngokuthwasa kusuke kuqondweni nokuthi kuthwasa umuntu onjani ethwaselani. Isikhathi samanje sehlukile kwesasemandulo. Ukuthwasa kwakuthathwa njengento ehloniphekile. Kwakuthi uma umuntu ehlelwa yilolu bizo kuguqwe kucelwe kwabadala ukuthi abamkhombise indlela kukholelwa ukuthi kukhona obuyile ozosiza isizwe nethongo lakulowo muzi. Yingakho ukwethwasa kwakwehlukile kokwanamhlanje ngoba idlozi lalizikhulumela lizikhombele lona indlela lingatshelwa ukuthi kufanele kwenzekeni.
Kwakwaziwa kuqondwa ukuthi akuthwasi umuntu esimbonayo ongenwe yidlozi kodwa kuthwasa idlozi elithunyelwe yithongo ngalo mzimba eliwukhethile. Babemthatha-ke umuntu bamuke naye sekuyiwa kulowo muzi akhonjiswe wona okufanale ayothwasa kuwona kokunye bamthathe ayongena kwabibiliti wesiziba esesabekayo kuthi uma esephuma lapho ahlangatshezwe ngenkomo ethwele konke abekade eyokulanda kuleso siziba. Kwabanye lokho kwenzeka emaphusheni belele bakuthathe uyongena olwandle kumbe esizibeni kuthi uma ufika phansi ufice imizi kwakhiwe kusetshenzwa. Nanamhlanjeke lokhu ngabe kuyenzeka kodwa seziningi izinkinga ezikhona. Uma ugobela ezwa ukuthi kufanele umuntu aye emanzini akasho ukuthi akalinde baze bamthathe kodwa uvele athi yimina engizokusa emanzini bese kulahleka konke.
Namhlanje sihlulwa wukulandela izibonakaliso zethwasa namaphupho alo bese sithi kulona yini sengathi usuhlakaniphile? Kokunye ugobela abone ukuthi leli thwasa lingaphezulu kwakhe bese ezama yonke imizamo yokuthi alivale idlozi bese lithula tu. Baningi-ke abangena ekuthwaseni idlozi liziqekethela kuyothi lingathola ukungcola kwesigodlo linikwa nempande okungeyona bese livele lishabalala. Elinye lize lisho lithi thina sesiyahamba usuyosifica ekhaya.
Uma umuntu ehlelwa yilesi sipho sokuthwasa kufanele kuqondwe ukuthi lesi sipho aphiwa sona sipho sini. Inkinga-ke namuhla wukuthi abantu sebethwasela ukugeza abantu nokubethela. Ukuthi uthwasela ini utshelwa yibona abadala okungabanikazi bomsebenzi nempande. Yibona abakutshela ngabo bonke ubunyanga obuqukethe nokuthi bafika nobani kini nokuthi hlobo luni lwempande nedlozi. Kungaba yidlozi lasemanzini noma lasentabeni. Idlozi elehlula abantu abaningi yidlozi loMndawe oyaye uzwe abantu bethi bayalazi.
Kuphinde kube yidlozi lomnono labalozi lapho uyaye uzwe abantu bethi mina nginabalozi esho kunguyena oshaya imfiyo ngekhala kumbe ngomlomo. Abalozi nedlozi lomhlahlo yidlozi elijule kakhulu elingenampande futhi alaziwa ukuthi liqhamuka kanjani. Liziveza lizenzele lona emva kweminyaka yokujuluka nokuthwasa bezenzela bona abadala.
Amathwasa alimazana wodwa namhlanje. Lithi ithwasa lithwase ngezibonakaliso zalo litshelwa yidlozi lalo ugobela elalele konke okushiwoyo, lithi lingaphuma lishaywe yindlala liphuthume lisebenze esikhundleni sokulinda bese liya kohlola kwenye indawo kufike kuthiwe okuthwasisile udlale ngawe, kufanele uqale phansi kanti awuboni ukuthi osho lokho ufuna imali naye. Lithi lithwasile ithwasa uzwe selitshela elinye ukuthi wena kufanele ngabe uyasebenza kube sengathi ukusebenza komuntu kufanele ukutshelwe ngumuntu. Ngamafuphi kuningi okonakele ekuthwaseni. Amathwasa abuye abe nengcindezi ebuzwa ukuthi azosebenza nini abanye bathi kudlalwe ngawe sengathi yibona abebethwasa.
Inkinga ekuthwaseni yindlala, ukujaha, ukwazi okungubulima, nokujaha ukuduma sengathi umsebenzi owakho. NANSI INDABA Bathi bethwase ngezibonakaliso zabo kusasa bajike bathi kudlalwe ngabo. Iqiniso likubani? Bhedlindaba: 033 569 1317/079 747 1911/072 897 2001