Ulinde ithuba lokuzibonakalisa kwiDowns
AKUMKHATHAZI nakancane ukuthi ijezi liyameqa kwiMamelodi Sundowns umdlali wasemuva uSiyabonga Zulu. Lesi sitobha sithengwe amaBrazilians kwiPlatinum Stars ngoJanuwari nonyaka.
Kuze kube manje uZulu usanemidlalo emithathu kuphela kuleli qembu. Nakuba efice uTebogo Langerman enza kahle ophikweni lwesokunxele emuva kodwa abaningi bebebheke ukuthi uyena okuzothi uma uLangerman engadlali avale isikhala.
Kodwa lokhu akwenzekanga kunalokho umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane usayine uLyle Lakay weCape Town City ofike wangena khaxa egiyeni wadlala kule ndawo.
UZulu, ekhuluma nezintatheli ngesikhathi kwethulwa imidlalo yePrince Mangosuthu Buthulezi Legacy Cup ngempelasonto, uthe uPitso umthembisile ukuthi uzomnika ithuba.
“Bekunamaqembu amaningi abengifuna futhi efuna ukungithenga kwiSundowns engafuni ukuthi ngibolekiswe. Nokho uPitso ukuchithile konke lokho wathi angibekezele ngizolithola elami ithuba. Kungakho ngingakhathazekile ngokwenzekayo njengamanje. Ngilinde ithuba bese ngiyazibonakalisa. Ebholeni abadlali bayalimala, kube namakhadi ngakho ngithemba ukuthi ngizolithola ithuba lami,” kusho uZulu.
Eqhubeka echaza uZulu uthe uzizwa eyingxenye yeSundowns kakhulu kunakuqala njengoba ebizwa emihlanganweni yeqembu futhi kungekho afihlelwa khona.
“Angilahlekile neze futhi angizizwa ngilahliwe. Yonke into eyenziwayo ngiyafakwa nami kuyona, zonke izinqumo ngiyaziswa futhi ngazo,” usho kanje uZulu.
Ngokusho kwalo mdlali ukunqaba kukaPitso ukuthi athengwe amanye amaqembu sekumqinise idolo.
“Kufanele ngidlale kahle uma kuvela ithuba. Njalo uma siziqeqesha ngiyaye ngizame ukuxoxa naye ngibuze lapho ngingacaciselekanga khona. Inhloso yami okwamanje wukufunda kakhulu ukuze kuthi uma sekuvela ithuba lingifice ngisesimeni esihle,” kuqhuba uZulu.
UZulu usadlale kanye kwiBafana Bafana ngesikhathi idlala neMauritania kuhlungelwa imidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON). Kulowo mdlalo waphuma ngekhadi elibomvu.
“Ngemuva kwalowo mdlalo, ngafonelwa abaqeqeshi abehlukene bengiduduza bethi ngiyakhula, yizinto ezenzekayo ebholeni. Ngingathi nje kwangikhulisa kakhulu okwenzeka noma kungabanga yinto enhle,” kuphetha uZulu.