Ucacisa ngokuqasha indodana uBaxter
GINGAPHOXEKA ngendlela engachazeki ngesikhathi esifanayo ngithuke kakhulu uma kungathiwa kukhona abantu abanenkinga ngesinqumo sami sokuqasha uLee Baxter ukuba azosisiza njengoba simatasa sihlelela umdlalo omqoka.”
Lawa amazwi omqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter awasho emva kokuvela kokuthi uqashe indodana yakhe uLee ukuba izovala isikhala esivuleke kuhoxa isigubhukane u-Andre Arendse sekusele izinsuku ezimbili kuqale ikhempu yomdlalo omqoka wokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lo mdlalo, okungowesibili ku-Group E, iBafana izowugijima neLibya ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngokusho kukaBaxter uzithole ebhekene nengwadla ngesikhathi u-Arendse emtshela ukuthi uyahoxa kwiBafana ngoba umkakhe ubenenkinga ekade eyohlinzwa.
“Isimo esinzima lesi engizithole ngibhekene naso kodwa ngasamukela ngoba yinto ethinta umndeni. Kumqoka futhi ukuthi abantu bazi ukuthi uLee uqokwe ngu-Itu (Itumeleng Khune) noRonza (Ronwen Williams). Okwami bese kuwukuyotshela usoseshini ukuthi ubani esingavala ngaye isikhala sika-Arendse,” kusho uBaxter.
Imbangela yokuthi abantu bafune izimpendulo ngokuqashwa kwendodana kaBaxter wukuthi yena lo mqeqeshi uphike walala ngomhlane ngesikhathi ethatha umsebenzi ukuthi ubebekele iSouth African Football Association (Safa) umbandela wokuthi uzowuthatha lo msebenzi uma kuqashwa indodana yakhe ake asebenza nayo eqeqesha eTurkey nakwiSuperSport United.
“Akekho ngisho osondelayo kuLee kubaqeqeshi bonozinti abakhona eNingizimu Afrika ngokufundela lo msebenzi. Usebenza noKhune kwiKaizer Chiefs. Uke wasebenza phambilini noRonwen kwiSuperSport. Ngaphandle kwalokhu uLee ubazi cishe bonke abakhona ekhempini. Besingenaso isikhathi sokuhlola bonke abaqeqeshi bonozinti ngoba indaba ka-Andre (Arendse) isehle ngaphezulu sonke. Bengicabanga ukuthi iChiefs izoba nenkinga ngokumdedela ngoba simcele sesihambile isikhathi kodwa yasenzela ufefe. Kumqoka ukuthi abantu bazi ukuthi lesi sinqumo sikahle kakhulu uma uzobheka ukuthi isimo besizoba sibi kanjani ukuba asimtholanga uLee. Ngingaphoxeka kabi uma kungathiwa kukhona abanenkinga naso (isinqumo sokuqasha indodana),” kusho uBaxter eHilton Hotel eThekwini beqeda ukutheleka kuleli dolobha.