UModise uyaphendula kolukaGabuza
OWAYEDLALELA iBanyana Banyana, uPortia Modise, useziphendulele ngokugxekwa ngabanye ngokuziqhathanisa nomgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa Gabuza.
UModise nguye kuphela umdlali webhola e-Afrika oseke washaya amagoli awu-100 ezingeni lomhlaba kwabesifazane noma kwabesilisa. Uyeke ibhola enamagoli awu-104 emidlalweni ewu-124 kwiBanyana. Uziqhathe nabalandeli bebhola eNingizimu Afrika ngemuva kokusho emsakazweni ukuthi yena angenza kangcono kunoGabuza ekushayeni amagoli.
Abanye babuyele enkulumeni kaModise ayenza kwiSA FM ngemuva kokuthi uGabuza egile umhlolo ngesonto eledlule ephuma enkundleni ngaphandle kwemvume kanompempe ngoba edinwa abalandeli beZimnyama abebemsola ngokugeja.
Babodwa abebethi uModise ube nomthelela engcindezini esitholwa wuGabuza onamagoli angafikile ku-10 kwiligi selokhu afika kwiPirates kumasizini amahlanu edlule.
“Mina ngangingahlosile okubi, ngangikhuluma ngebhola. Ngiyaxolisa uma kuwukuthi ngamhlukumeza ngenkulumo yami uGabuza,” kusho uModise.
Ngesikhathi ekhuluma emsakazweni wayephendula umbuzo womlaleli wokuthi ukube ithuba lalikhona, wayengayenza yini inhlolokhono eqenjini labesilisa.
“Ngihlale ngizibuza lokho uma ngibuka ibhola (le-Absa Premiership). Ikakhulukazi uma ubukela oGabuza. Uyazibuza ukuthi bengizomhlalisa ebhentshini, ngimdlise amaqhwa lo. Indoda evimba ibhola ngesivikelambani (shin guard). Hhayi mina ngingalivala kangcono la,” kwaba yimpendulo kaModise.
Waqhuba wathi “uma ngidlale ibhola noYeye (Reneilwe Letsholonyane),” emazingeni aphansi, baningi angazenzela kubona. “Uma ngabe lalikhona ithuba elinjalo nginesiqiniseko sokuthi sinoVeronica Phewa sasizojabulisa abaningi.”
Uthe ukube yena uwuGabuza, ubengeke azikhathaze ngokushiwo ngabantu.
“Kodwa ngingenza umsebenzi enkundleni. KwiBanyana ngangiqashelwe ukushaya amagoli kwakuyiwona umsebenzi wami. Uma ngangingawenzi babezongixosha. Namanje uma kungase kuqhamuke othi ungcono kunoPortia ngeke ngikhale ngalokho ngoba umsebenzi wakhe ungazikhulumela wona enkundleni.”