Isikhalo ngendawo yobumnandi enomsindo
ZIYAVEVA izakhamizi zaseNanda Glebe ngendawo yobumnandi ezithi inomsindo. Zithi umnikazi weZack’s Lifestyle Lounge, evulwe ngoMashi, wathenga isiza kule ndawo ngaphambi kokuthi akhe kwathiwa uzokwakha ibhusha.
Izakhamuzi ezicele ukuthi angadalulwa zithe zavumela phezulu ngoba ibhusha yibhizinisi elingaziphazamisi ngalutho kodwa izinto zijike ngoMashi sezibona le ndawo isiqale ukudayisa utshwala kube nomsindo ongabekezeleki ikakhulu uma kuyimpelasonto. Ngemuva kwalokho babona izingqwembe ezibhalwe yibhodi elikhipha izimvume zokudayisa utshwala zithi uma kukhona abaphikisana nokuthi kuvulwe indawo yotshwala bangalithinta.
“Sakwenza lokho ngoba asihambisani nokuthi kube nendawo enomsindo eduze kwethu. Singabantu abadala, sineminyaka sakhe kule ndawo asikwazi ukuvumela into enjengale. Okunye okusikhathazayo yindlela abantu abavakashela le ndawo abaziphatha ngayo. Sibona ukuthi izingane zethu zizofunda imikhuba emibi eziyibona kubantu abavakashele kule ndawo.
“Isikhalo sethu sasifaka ngoMashi kodwa kuze kube yimanje kuthule, le ndawo iyaqhubeka nokuba nomsindo. Kule mpelasonto edlule asilalanga, umsindo uqale ngoLwesine waze waphela ngeSonto. Okubi wukuthi sesibona sengathi udaba lwethu luyanyathelwa ekubeni silandele imigomo efanele yokukhononda,” kusho isakhamuzi.
UMnuz Zack Xaba, umnikazi wendawo, uthe akukho ukwephula umthetho akwenzayo kodwa uyazi ukuthi kunabantu abafuna ukumcekela phansi.
“Cishe zonke izinsuku ngifonelwa ngabantu abehlukene bethi babikelwe ngezinto ezehlukene ezingukwephula umthetho okuthiwa ngiyazenza. Kuke kwathiwa kuba nesiminyaminya sezimoto ezivimbela omakhelwane ukuthi bangene emizini yabo. Amaphoyisa afika angakubona lokho. Kuke kwabizwa uphiko oluhlola izakhiwo nokuphepha kwazo kuthiwa ngakhe phezu kwamapayipi, amanzi awasahambi kahle. Angimangali ukuthi sebethinte amaphephandaba,” kusho uXaba.
Uthe ngokubona kwakhe kunomuntu othile ohlohla abantu abadala ukuthi kube yibo abakhalayo. Uqhube wathi uyazi ukuthi bafaka isikhalo ebhodini elikhipha izimvume zokudayisa utshwala kodwa akazi ukuthi lolu hlelo selukuphi. “Umuntu onipotshozele udaba ngiyazi ukuthi nguye lo obevale umgwaqo ngemoto yakhe ngeSonto (eledlule) ethi akafuni ezinye izimoto zingene lapha. Angizange ngiye emaphoyiseni ngoba angiboni ukuthi kumele ngilokhu ngiphikisana naye,” kusho uXaba.
UMnuz Bongani Tembe, okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZuluNatal, uvumile ukuthi kunomphakathi owakhala ebhodini elikhipha izimvume wathi okwamanje indawo ayikanikezwa ilayisensi yokusebenza.
“Abafake izikhalo bazokwaziswa uma sekuphume isinqumo, sizothumela abahloli bayobheka ukuthi ngabe iyasebenza ngempela yini. Uma isebenza izovalwa ngoba ayinayo imvume,” kusho uTembe.