USbahle Mpisane uvuke wafisela abazali okuhle
INDODAKAZI yezimpunyela zaseThekwini ebeyibangwa nezibi esibhedlela emuva kwengozi enyantisa igazi, izolo ivuke embhedeni yaphawula ngomshado wabazali bayo. Abazali bakaSbahle Mpisane uShauwn noSbu izolo bebebungaza usuku abashada ngalo eminyakeni eyedlule.
“Sanibonani nonke, namhlanje (esho izolo), sigubha usuku lapho abazali bami babopha khona ifindo likasofa silahlane futhi sijabule kakhulu. Okunye ukuthi angiphilile ngalo lolu suku. Ngiyabonga kubantu abasondelene nami nakubantu abangithandayo emphakathini ngokungifisela ukululama, ngizizwa ngingcono, nezipho eningilethele zona nazo ngiyazibonga kakhulu,” kusho uSbahle.
Le ntokazi ifisela abazali bayo nje, kuke kwaba nezindaba ezike zavela emaphepheni ahlukene zokuthi abasahlali ndawonye emzini wabo oseLa Lucia, eThekwini.
USbahle, izolo uvele okokuqala emphakathini ngemuva kwengozi eyenzeka emgwaqweni uMagret Mncadi, eThekwini. Umfowabo kaSbahle, u-Andile ufake inkulumo eqoshwe uSbahle efisela abazali bakhe okuhle kodwa njengoba bekuwusuku abashada ngalo. Uqhube wathi wonke umuntu omkhombise uthando
naye uyamthanda.
“Ngiyabonga futhi ngiyawuthanda umndeni wami wonke nokungilethela izipho usuku nosuku unginakekela. Ngiyaqhubeka futhi nokuthi ngiyabonga, ngibonga angiphezi.”
Iningi lijabulile ezinkundleni ngokubona le ntokazi izikhulumela ibonga uNkulunkulu ngokumnika elinye ithuba empilweni.
NgoMsombuluko Isolezwe likhulume noyise kaSbahle uSbu Mpisane othe indodakazi yakhe ayisekho esimeni esibucayi. Ubonge uMdali ngokuyisindisa njengoba ehlale amasonto ambalwa egunjini labagula kakhulu iphefumula ngemishini.