Ungena ezintangeni ngomhlangano
UNOBHALA-JIKELELE we-ANC, uMnuz Ace Magashule, ungene ezintangeni ephekwa ngemibuzo mayelana nomhlangano “oyimfihlo” aba nawo nalowo owayengumengameli kuleli, uMnuz Jacob Zuma.
Iphephandaba lesiNgisi langeSonto, iSunday Times, libike ukuthi uZuma, uMagashule, obengundunankulu aphinde abe nguSihlalo we-ANC eNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, uNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, noNkk Meokgo Matuba we-ANCWL nabanye bahlangana eMaharani Hotel, eThekwini.
Iphephandaba lize laveza nesithombe esikhombisa laba baholi bekuleli hhotela kanti odabeni kuvela ukuthi babedingida itulo lokuketula uMengameli weqembu uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMagashule uvumile ukuthi wahlangana noZuma eThekwini.
“Yebo ngibe nawo umhlangano noZuma njengoba sasihlelile, umhlangano wawuthinta izinkinga zeqembu. Kwakungekhona okokuqala ngihlangana noZuma, nakulokhu ngimbonile ngoba besidinga ukuhlangana,” kusho uMagashule ekhuluma nentatheli ye-eNCA uVuyo Mvoko. Ukuchithile ukuthi kwaba netulo eladingidwa phakathi kwabo lokuketula uMengameli Ramaphosa, waveza nokuthi umbiko bahlela ukuwudlulisela kwibhodi elilawula ukusebenza kwamaphepha kuleli.
“Esifuna ukukwazi ukuthi intatheli eyabhala udaba yakuthathela kuphi ukuthi sasihlangene ngetulo lokuketula umengameli noZuma.
“Ngingaba kanjani yingxenye yezingxoxo zokuketula ubuholi obabekwa eNasrec ekubeni namhlanje ngikhuluma nani njengoNobhala-Jikelele weqembu, isikhundla engabekwa kuso eNasrec? Angisoze ngaba yingxenye yalokho ngoba kuwumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi sixazulula zonke izinkinga ngaphakathi njengeqembu,” kusho uMagashule.
Ebuzwa ukuthi basekhona yini abafuna ukuphikisa imiphumela yengqungquthela ye-ANC eyabanjelwa eNasrec, uthe bakhona abasazwakalisa ukungenami kodwa lolo udaba abasalubhunga ngaphakathi.