Ulambele igoli ebhekene nezakhe
AKAKUFIHLI ukuthi uzojabula uma eshaye igoli edlala neqembu lakhe uBongi Ntuli, obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC.
UNtuli ujoyine Usuthu ngaphambi kokuvalwa kwewindi emasontweni ambalwa edlule. Usayine inkontileka yonyaka ebolekiswe kwiNyokana Eluhlazana. Akaqali nokho ukugijimela AmaZulu njengoba iSundowns ike yambolekisa ngesizini ka-2014/2015. Ngaleso sikhathi wavalela phakathi amagoli ayisithupha emidlalweni ewu-12 egqoke ijezi loSuthu.
NgeSonto AmaZulu azodlala neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama. Ngokwejwayelekile abadlali banomkhuba wokuthi nxa bephatheke kahle eqenjini abebelidlalela, noma eqenjini ababolekiswe kulona kuthi uma beshaya igoli bangajabuli.
Kodwa uNtuli uthe yena angakujabulela ukushaya igoli ngeSonto uma esebhekene neqembu lakhe, futhi uzojabula ngeke athule.
“ISundowns yiqembu lami, kufanele ngilibonise ukuthi ngisesimeni esihle, futhi ngisakwazi ukudlala.
“Ngizimisele futhi ngokuthi ngishaye namagoli ngisize Usuthu. Kungajabulisa kakhulu ukushaya igoli kulo mdlalo ngoba kuzobe kuwumdlalo wami wokuqala ngibuyele oSuthwini.
“Ngizolijabulela igoli uma ngilishaye ngidlala neSundowns, angikwesabi ukuthi ngiphuma kuyona,” kuchaza uNtuli izolo ngemuva kokuziqeqesha kwezakhe ePeople’s Park.
UNtuli uke wasebenzisana nomqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson eminyakeni edlule kwiPlatinum Stars. Lo mgadli uthe uyena owatshela imenenja yakhe uMandla Mthembu ukuthi ufuna ukubuyela oSuthwini kwazise abemaningi amaqembu abemfuna.
“Abekhona amaqembu abengifuna kodwa ngitshele imenenja yami ukuthi ngifuna ukuza kuMaZulu,” kucacisa uNtuli.
Ubudlelwano phakathi kukaNtuli noJohnson buhle kakhulu, kanti naye (uNtuli) uthe kube yisinqumo esilula ukubuyela oSuthwini ngoba uzosebenzisana nomqeqeshi omazi kangcono.
“Kube lula kakhulu ukuthi ngize kuMaZulu ngoba ngisebenzile noJohnson kakhulu futhi uyangazi. Nalokho nje kukodwa kube nomthelela esinqumeni sami,” kuqhuba uNtuli.
Umqeqeshi woSuthu uJohnson naye ubengawuvali umlomo ngoNtuli ngesikhathi ekhuluma nezintatheli ngemuva kokuzicija kwezakhe izolo.
ISundowns iya kulo mdlalo noSuthu selokhu yagcina ukunqoba kwiMTN 8 idlala neLamontville Golden Arrows inqoba ngo 2-0, ngo-Agasti 11.
IMIDLALO ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leopards v Bloemfontein Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontville Golden Arrows (Princess Magogo Stadium, 3pm); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 3pm)