Umbango weyokuqala kwiMTN 8
AKUNGATSHWAZWA ukuthi uBenni McCarthy ubazi njengoba ezazi ubumnandi bokuba ngumpetha kodwa kufanele ukuthi awukho umzuzu ongagxiviza indawo yakhe emlandweni webhola laseNingizimu Afrika njengokunqoba isicoco ewumqeqeshi.
UMcCarthy okuwunyaka wesibili ewumqeqeshi esigabeni esiphezulu, uphuthwe yileli thuba nyakenye ebuka iqembu lakhe iCape Town City lihlulwa yiSuperSport United kowamanqamu weMTN 8.
Kusasa bazophindela enkundleni efanayo iMoses Mabhida, eThekwini lapho bebone amaphupho abo eshabalala i-United ibaguqisa ngo 4-2 kumaphenathi.
Nakuwona lo mdlalo oqala ngo-7 kusasa ebusukubazobe bebhekene nayo i-United.
UMcCarthy engumdlali unqobe inqwaba yezicoco, okubalwa ezeligi kuleli naphesheya kwezilwandle, okukhona ngisho ese-Uefa Champions League.
Uyinqobile iMTN 8 esekwi-Orlando Pirates ngaphambi kokubeka amakhokho emgibeni ngo-2013.
Uma enqoba isicoco uzojoyina ikilasi labaqeqeshi abakwi-Premiership kuleli asebenezicoco abagabe ngazo abazidle kwiPremier Soccer League.
“Anginayo ingcindezi yize kuzoba kungokwesibili siya kowamanqamu futhi sagcina sihluliwe kodlule. Kodwa lapha esikhona yikhona ebesikusebenzela. Ngesikhathi ngithatha umsebenzi ngasho ukuthi angifuni kungithathe iminyaka eyishumi ukuthola isicoco,” ucashunwe esho kanje uMcCarthy yi-@IOLSport.
UKaitano Tembo opheka Amatsatsantsa naye uzingela isicoco sakhe sokuqala njengomqeqeshi.
Yena unikezwe umsebenzi ngokugcwele ekuqaleni kwesizini ngemuva kweminyaka ebuka abaqeqeshi abeyiphini labo bewola izicoco naleli qembu lasePitoli.
“Kuwumuzwa omuhle (ukufinyelela kowamanqamu) kodwa okubalulekile kimina yiqembu nabadlali. Benze kahle kakhuluuma sibheka indlela esiqede ngayo ngesizini edlule sivika izembe ngemizuzu yokugcina,” kusho uTembo. Uthe kuzomele bayiqaphele iCity. “Bayiqembu eliqinile, elihlelekile futhi elinejubane. Ozobe eqinile ngokwanele ngokomqondo uzoba sethubeni lokunqoba umdlalo.”
Kubaqeqeshi abenezicoco abayibamba esigabeni esiphezulu kuleli,uPitso Mosimane weMamelodi Sundowns uhamba phambili ngeziyisikhombisa zakuleli,uma zingabalwa ezeCaf.
Isococo ashoda ngaso yiMTN 8 yize eseke wanqoba iSupa 8 neSuperSport United.
Umqeqeshi weBidvest Wits,uGavin Hunt unezicoco eziyisithupha.
Ozodla umhlanganisa phakathi kukaMcCarthy noTembo uzoba sendaweni eyodwa no-Eric Tinkler, Clinton Larsen noLuc Eymael abashaya ngesicoco ngasinye kwiPremiership.
UTinkler opheka iChippa United unqobe isicoco sokuqala neCity bedla iTelkom Knockout ngo-2016.
ULarsen ohola iLamontville Golden Arrows uchonywe uphaphe neBloemfontein Celtic naye enqoba iTelkom Knockout ngo-2012. U-Eymael udle ubhedu neFree State Stars kwiNedbank Cup ngesizini edlule.