Kudutshulwe indoda nenkosikazi bafa
UMSHUMAYELI nenkosikazi yakhe basePomeroy, ngaphandle kwaseGreytown, batholakale befile ngemuva kokudutshulwa izidumbu zabo zatholakala ngezinsuku ezehlukene.
UMnuz Simosakhe Myeza (48) nonkosikazi wakhe uNkk Balungile Myeza, kusolakala ukuthi badutshulwe ngabantu abangaziwa ngoLwesihlanu besendleleni eya ekhaya.
Isidumbu sikaMyeza sitholwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ebusuku ngasemgwaqweni, kwathi esenkosikazi yakhe satholwa ngamalungu omphakathi ngoMgqibelo ekuseni esikhotheni. Kusolakala ukuthi ubalekile ethi uyocasha ngesikhathi behlaselwa.
Izingane zabo ezintathu endala kuzo eneminyaka ewu-15 bezisele zodwa ekhaya ngesikhathi uyise eyohlangabeza unina ophuma ebusuku emsebenzini.
Kuthiwa zize zazumeka abazali bengakafiki, kwagcina kutholakale ekuseni ngoMgqibelo ukuthi bafile bobabili.
UMyeza ubengumshumayeli ebandleni lase-United Presbyterian Church in Southern Africa (UPCSA). Umvangeli ebandleni, uMnuz Malibongwe Ntanzi, uthe umphakathi nebandla bashaqekile ngokubavelele.
“UMyeza ubeyindoda eqotho nebiwusebenzela kakhulu umphakathi, asazi ngempela ukuthi ngubani obengafuna ukumbulala. Lokhu kusithusile sonke. Ngikhulume naye ngoLwesihlanu ntambama sihlela izinto zebandla engumuntu ozohlangabeza inkosikazi yakhe ngoba iphuma ebusuku emsebenzini. Kusithusile ukuthi abulawe nenkosikazi yakhe ngale ndlela,” kusho uNtanzi.
Unkosikazi kamufi kuthiwa ubesanda kuqashwa, ehlanza kwinxanxathela yezitolo yasePomoroy.
“Inkosikasi ibiphuma ebusuku emsebenzini ngenxa yokuthi bahlanza inxanxathela yezitolo uma sukuvaliwe ezitolo. Uma sebephuma emsebenzini izinto zokuthutha umphakathi zisuke zingasekho. Lokhu bekwenza uMyeza alande inkosikazi ukuze ayivikele ingabi wukudla kwezigebengu kanti akazi ukuthi bazohlaselwa bobabili,” kusho uNtanzi.
UMyeza kuthiwa ube kwikomiti leqembu le-IFP kuward 17.
Isolezwe lithole ukuthi ngalapho izidumbu zabo ezitholakale khona kungasemfuleni iNolence. Kuthiwa kuke kwaba yindawo okubanjwa kuyo inkunzi kodwa bese kungasenzeki lutho muva nje.
Kuvele ukuthi akukho okuthathiwe ngesikhathi bebulawa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe badinga usizo ukuze kube nabambophayo.
“NgoLwesihlanu amaphoyisa aseNhlanhleni ngo-23.30 athole isidumbu sowesilisa sidindilizile emgwaqweni. Ubedutshulwe emhlane washonela khona lapho. Ngakusasa ngoMgqibelo ngabo-5.30 ekuseni kutholwe isidumbu sowesifane naye obedutshulwe emhlane. Sicela abanolwazi ngokubulawa kwabo bathintane namaphoyisa aseNhlanhleni ukuze kuboshwe abenze ubugebengu. Ayikaziwa Imbangela yokubulawa kwabo,” kusho uCaptain Gwala.
Ikhansela laku-ward 17 ebelisebenzisana kakhulu noMyeza, uMnuz Nkosinathi Majozi, lithe lishaqekile ngoba umufi ubengumuntu owusizo kakhulu.