Injabulo ethola indlu yomxhaso
USABALISA umholi we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuvalwa kwamakolishi ayeqeqesha othisha, uthi lokhu kwenziwa ngoba kuzondwa yena.
Ethula inkulumo yakhe enkundleni yezemidlalo eMkhindini, eMelmoth ngoMgqibelo, uButhelezi uthe isinqumo sokuvala amakolishi sihluphekisa isizwe sonke.
UButhelezi ubehambele kuMasipala eMthonjaneni eyogayela iqembu lakhe amavoti njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiyela ku-ward 3, ngo-Okthoba 3.
Utshele amalungu omphakathi nawe-IFP ukuthi njengoba kubhekwe okhethweni kumele bazi ukuthi yibo abanomlando namagalelo amahle ekuhambiseni intuthuko kubantu.
“Njengoba kuzoba nokhetho lapha kumele nikhumbule ukuthi i-IFP indala emlandweni wentuthuko yabantu. Sinezinto ezibambekayo esazenza sisaphethe uhulumeni waKwaZulu ezinye i-ANC yazivala . Ezinye zazo kwaba amakolishi okuqeqesha othisha avalwa hhayi ngoba ayengenalusizo kodwa ngoba kwakuzondwa mina. Namhlanje lokho kuvalwa kwamakolishi kwadala enkulu inhlupheko kubantu bakithi,” kusho UButhelezi.
Isikhala kule ward sivuleke ngemuva kokushona kwekhansela uMnuz Mhlonipheni Zulu we-IFP.
Umbango kule ward ushisa phansi emaqenjini, ikakhulukazi i-IFP ne-ANC.
NgoLwesine, uKhongolose ujube abaholi bawo ukuba bayogaya ivoti.
Abaholi bale nhlangano babale konke okuhle asebekwenzile njengoba bephethe isifunda iKing Cetshwayo okungumasipala omkhulu osingethe owaseMthonjaneni.
Abaholi baleli qembu nabo bagadlile kwi-IFP besho ukuthi selokhu ithathile ngo-2016, ihlehlise izinhlelo eziningi zentuthuko ababezenzele umphakathi kusaphethe bona ngo-2011.
UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Tholi Gwala, uthe umkhankaso wabo uhamba kahle kakhulu, sebelinde usuku lokhetho.
“Sinethemba lokuthi sizokwenza kahle kulolu khetho lokuchibiyela ngoba siyazi ukuthi akekho umuntu oya empini ethi uzohlulwa,” kusho uGwala.
USWELE amaphiko okundiza owesilisa osekhulile waseTete, KwaDukuza, ngenxa yenjabulo ngemuva kokunikwa indlu yomxhaso egcwele impahla waphinde waphiwa nokudla.
UMnuz Mdoda Mthiyane (79) uthe ubesebona ukuthi uzomuka nezikhukhula endlini abehleli kuyo ngaphambi kokuthi angene endlini entsha.
“Bese kusele usuku lokuthi izikhukhula zihambe nami ngoba indlu ebengihleli kuyo ibingahamba noma inini uma kufika izikhukhula ezinkulu,” kusho uMthiyane.
Uthe noma usengafa manje usezophumula ngokuthula azi ukuthi ushiye unkosikazi wakhe endlini ephilayo.
UMthiyane ungomunye wabantu abangu-86 abanikwe izindlu ezintsha zomxhaso eTete, ngoLwesihlanu.
Zingu-1 480 sezizonke izindlu zomxhaso ezizokwakhiwa kule ndawo okulindeleke ukuthi kuhlomule abantu abangaphezu kuka-6 000 njengoba esikhathini esiningi emzini ngamunye kuhlala abantu abangaphezu kwabane.
Umphakathi wakule ndawo kade wawukhala ngezindlu waze wabamba imibhikisho enodlame ngoba ufuna ukuthi ulalelwe iziphathimandla.
Kuthiwa ngelinye ilanga wavalela izikhulu ekhoneni ubuza ukuthi izindlu uzithola nini.
Kulezi zindlu ezakhiwa kule ndawo kuhlala izinhlanga ezahlukene njengoba abamnyama behlala namaNdiya.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ubonge umphakathi wakule ndawo ngokubekezela njengoba izindlu zigcine zakhiwe ngemuva kweminyaka emihlanu.
“Kade abantu bakule ndawo bazilinda izindlu, cishe iphelile iminyaka emihlanu ngoba phela uma kuzokwakhiwa kunezinto ezilandelwayo njengokuthengwa komhlaba nokunye ngaphambi kokuthi kwakhiwe,” kusho uPillay.
Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esifundazweni luhamba kahle kakhulu, wengeza ngokuthi iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esihamba phambili kuleli ezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu.