Kuklonyeliswe amasosha eminyaka
UKUTHOLA indondo embuthweni wamasosha kusho ukuthi usudlule ebunzimeni obuhambisana nomsebenzi wokuzinikela.
Lokhu kushiwo uCaptain Zile Mkhize osophikweni lwezempilo olungaphansi kombutho wezokuvikela kuleli, iSouth African Military Health Service, othole indondo yokuthi usebe yisosha iminyaka engu30, emcimbini wokubongwa kwamasosha angu-94, athole izindondo zokuba sembuthweni wezokuvikela iSouth African National Defence Force, iminyaka engu-30 kuya kwengu 40, obuseThekwini, ngoLwesihlanu.
UCapt Mkhize usebenza kwiArea Military Health KwaZuluNatal, eBluff kanti uthe uma uyisosha ezinye zezifungo zakho zisuke zithi uyolivikela izwe lakho noma ngabe lokho kusho ukuthi uyolahlekelwa yimpilo yakho.
“Kuningi okwenzekile njengoba sengikulesi sigaba kuhlanganisa nokubona ozakwethu besala enkundleni bevikela izwe.
“Angikaze ngifise ukusebenza omunye umsebenzi ngaphandle kokuba yisosha eligxile emkhakheni wezempilo. Kulo mkhakha sihlenga abanye ozakwethu, umphakathi nezinhloko zamazwe. Kuyenzeka sithunywe ukuba siyolekelela ezweni okuliwayo kulo siyohlenga abantu. Usuke wazi ukuthi nawe kungenzeka usale enkundleni, “kusho yena.
UWarrant Officer Mbongeni Mahasela okwi-Army Support Base KwaZulu-Natal, eMerebank uthe ungene embuthweni ngo1987.
“Ngingene kulo mbutho usabizwa ngeSouth African Defence Foce (SADF). Ngike ngajutshwa ukuthi ngiye eNamibia isabizwa ngeSouth West Africa. Ngabuye ngaya e-Angola namanye amazwe amaningi ase-Afrika. Wumsebenzi odinga ukuzinikela nokuzimisela,” kusho yena.
UChief of Defence Intelligence, uLt General Mduduzi Nyembe obenikeza amasosha izindondo uthe ukunikeza amasosha lezi zindondo kungukuwakhuthaza ukuthi asebenze ngokuzimisela futhi ahlale egcine izifungo zawo.
“Umthethosisekelo uyalela ukuthi umuntu osembuthweni wezokuvikela kumele kube ngumuntu okwazi ukuziphatha, ozimiselayo futhi okwazi ukubambisana nabanye,” kusho uNyembe.