Iyamudla eyesicoco seligi oweSundowns
UMDLALI weMamelodi Sundowns, uLyle Lakay, ofike kompetha be-Absa Premiership ekuqaleni kwale sizini esuka kwiCape Town City, usenesilonda ngendlela esamphundula ngayo isicoco seligi eminyakeni edlule.
ULakay, ozakhele kakhulu udumo kwiBloemfontein Celtic afike kuyo esuka kwiSuperSport United, akumhleli kahle ukuthi lapho esuka khona kusala kungene izinkomishi njengoba kwenzekile iCape Town City idla iMTN 8 ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlali waseKapa ubesesikimini samaCitizens ashaywe yiSuperSport sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu womqhudelwano ofanayo ngonyaka odlule. Ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo lapho kunqobe khona iCape Town City, uLakay uzwakalise ukungabi mnandi enhliziyweni ngendlela izicoco ezimeqa ngayo.
“Ngiwomunye wabashwebe iphenathi ngesizini edlule kowamanqamu weMTN 8, ngakhoke ngifuna kuwine iCape Town City,” usho kanje ngaphambi komdlalo.
Akusona sodwa lesi sicoco esiphundule lo mdlali oseke wadla eseNedbank neseTelkom Knockout esekwiSuperSport nakwiCeltic ngokwahlukana kodwa neseligi sekuke kwenzeka okufanayo. INedbank Cup uyidle naMatsantsantsa A Pitori ngo-2012 kwase kuthi eseTelkom wahlabana ngaso esedlala kuSiwelele.
“Ngesikhathi iSuperSport idla isicoco seligi sesibili noma sesithathu angisakhumbuli kahle bengiwumdlali wayo kodwa ngibolekwe iFC Cape Town. Kuthe kungalimala uDaine (Klate) eklunyuka ihlombe umqeqeshi weSuperSport ngaleso sikhathi wacela ukuthi sinqanyulwe isivumelwano sokubolekana kodwa yagcina inqabile iFC Cape Town ikakhulukazi owayengiqeqesha ngaleso sikhathi uKhabo (Zondo),” kusho uLakay.
Uzimisele ngokuzinza kwiSundowns futhi unezifiso ezinkulu ngokudla izicoco neqembu likaPitso “Jingles” Mosimane kodwa unezifiso ezingajwayelekile kubadlali.
“Engikufisa kwiSundowns wukudla izicoco. Zonke futhi. Nginethemba lokuthi lokhu kuzokwenzeka ngenxa yabadlali abakhona eqenjini. Isifiso sami esikhulu wukwakha amagoli. Uma ngingakha okungenani amagoli ayishumi ngesizini cabanga ukuthi kungenzani lokho emathubeni eqembu ukuthi lidle isicoco seligi,” kusho uLakay.