Bavunyelwe ukwedlulisa icala ababoshwa nesikhulu sikaKhongolose
UZOFAKA isicelo sebheyili ngoLwesibili owayenguNobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza eyayaziwa ngeKwaDukuza, uMusa Zondi emuva kokuphumelela kwesicelo sakhe sokudlulisa icala.
Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini bekugcwele abebefake izikibha ze-ANC, imindeni nezihlobo zabane abafake isicelo sokudluliselwa kwesinqumo nesigwebo secala lokubulala umuntu.
Inkantolo isivumile isicelo soNoh Zondi, Mzwandile Chamane, Musa Khumalo noMusa Zondi.
Icala selizolalelwa ngamajaji amathathu, okuyiwona azothatha isinqumo. UZondi nagwetshwe nabo babhekene necala lokubulala uMnuz Thandanani Moyane. Batholwa benecala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngenyanga edlule, bagwetshwa ekuqaleni kwale nyanga ngokuhlukana. UZondi wagwetshwa iminyaka engu-26 ngamacala. Izolo ijaji uNkosinathi Chili likhiphe isinqumo sokuba uZondi aliqhube icala kwenye inkantolo. “Ummangalelwa wesikhombisa (uZondi) ngiyamnikeza imvume ukuba alidlulisele kwenye inkantolo icala mayelana nokulahlwa kwakhe icala, nokugwetshwa kwakhe kuwo wonke amacala.
“Laba abanye abathathu nabo ngibanikeza imvume yokulidlulisa icala, ukulahlwa icala nokugwetshwa kodwa lokhu kuzoba emacaleni amathathu, kwelokubulala nawokuzama ukubulala amabili. Ecaleni lesine nelesihlanu, okuthumba kungadluliswa isigwebo kuphela,” kusho uChili.
Icala libe selihlehliselwa uLwesibili khona eThekwini ukuze bezofaka isicelo sebheyili njengoba bese bevele beziqalile izigwebo zabo.
Lesi sikhulu nabayisithupha bavulelwa icala lokubulala nelokuthumba nelokushaya, elenzeka ngo-2015 kulandela ukungena kwabantu ebhizinisini lomndeni.