Izokhonjiswa ngonyaka ozayo ifilimu iZulu Wedding
IBANJEZELWE wukuntula imali yokuqhubeka nomsebenzi iZulu Wedding okuyifilimu yakuleli osekuphele isikhathi ilindwe ngabomvu ngabantu.
Le filimu kwaqala ukukhulunywa ngayo ngonyaka odlule kuthiwa izophuma ngoFebhuwari kodwa kwangenzeka. Ukuphuma kwayo kwabuye kwahlehliselwa u-Ephreli nakhona kwacweba iziziba.
Umdidiyeli wayo uLineo Sekeleoane utshele Isolezwe ukuthi bashaywe wukuntula inkece.
“Isizophuma ngonyaka ozayo ngoba sishaywe kakhulu yimali. Kulo nyaka sizokhipha umculo nama-video ahambisana nefilimu,” kusho uLineo.
Umculo kuthiwe wenziwe nguDJ Maphorisa, Prince Bulo, DJ Tira nabanye
Uthe izinto ziyahlangana futhi abantu ababekezele.
“Kukhona isiqephu esizosiqopha eNew York esiyingxenye yokuvula ifilimu. Imali sesinayo manje kodwa yona iyinkinga. Ukushoda kwayo kwenzeka ngaso sonke isikhathi embonini yethelevishini namafilimu,” kuchaza yena.
Uthe izinto uzihlela kahle kodwa zishintshe ekugcineni.
“Kulokhu singasho ukuthi kube wushinsho oluvune thina ngoba kuningi okuzayo. Kube wukubambezeleka okuhle ngempela.”
Le filimu ikhuluma ngoLou (28) otshelwa ukuthi uzokwenziwa umhlatshelo wezono zabazali bakhe ngokuthi ayogana inkosi yesizwe samaZulu.
Sekushone abazali bakhe uyatshelwa ngalesi sinqumo abalekele e-USA. Uthembisana umshado noTexas Walker noyisoka lakhe lokuqala. Uma esebuyile ekhaya uya enkosini ukuyoyincenga ukuthi adedelwe ashade noTexas.
Indawo kaLou idlalwa nguNondumiso Tembe. Abanye abalingisi ngoPallance Dladla onguMntwana uZwelibanzi Zulu, Jerry Phele odlala indawo kamalume uPhineas Sabata, Kgomotso Christopher onguRene, Lorcia Cooper onguMarang, DJ Tira, Kelly Khumalo onguYvonne Sabata, Sthandiwe Kgoroge ongu-anti uNobantu nabanye.