Kunukwa abensangu kusha igumbi esikoleni
KUSHISWE igumbi elingumahamba nendlwane ePrince Silwane High, KwaNongoma, kwasolwa abafundi abangafuni ukukhuzwa ngokubhema insangu esikoleni.
Leli gumbi eligcina izincwadi lishiswe ngoLwesihlanu ebusuku, ngemuva kokuthi iqeqebana labafundi ababhema insangu lisongele uthisha obelilanda lilele ngezisu ehlathini ngemuva kokubhema insangu, lathi lizokwenza noma yini ezokhombisa ukuthi selikhathele.
Kuthiwa leli qeqebana litshele uthisha ukuthi uyalidina ngokulokhu elilanda lizilalele ehlathini.
Leli qeqebana labafundi kuthiwa lime ngokuthi kuvumelekile ukubhenywa kwensangu kuleli.
Umthombo waleli phephandaba uthi laba bafundi abaqondi ukuthi yize kuvumelekile ukubhenywa kwensangu kodwa akuvumelekile ukuyibhema besesikoleni.
“Uma betshelwa lokho ababe besafuna ukulalela, bama ngokuthi banelungelo. Insangu kulesi sikole beyivele ibhenywa kodwa manje sengathi sebeyabukisa njengoba sebemi ngokuthi kuvumelekile,” kusho umthombo.
UMnuz Johannes Khumalo wesigungu esilawula isikole, uthe basola ukuthi ukushiswa kwaleli gumbi kungenye yezindlela zokuphazamisa ukubhala kukamatric.
“Ukubhenywa kwensangu kulesi sikole kudlangile futhi akuyona into eqale njengoba kusanda kumenyezelwa ukuthi ukubhenywa kwensangu kuvumelekile. Naseminyakeni ephambili beyibhenywa kodwa senyukile isibalo ngemuva kwalesi simemezelo.
Laba bafundi bawo wonke amabanga abazimiseli ngomsebenzi wesikole. Kuthi uma sekufike isikhathi sokubhalwa kwezivivinyo, baphazamise abanye. Nyakenye leli qeqebana lensangu lagibela izimbongolo lagijima ngazo egcekeni esikole, kwaphazamiseka ukubhala.
Ngomunye unyaka kwashiswa igumbi elalakhiwe ngamapulangwe elaligcina imiqingo yabafundi ababefunda kulesi sikole phambilini.
Uma sekwenzeka into enje siyathuka, sibona sengathi ngenye yezinto okuhloswe ngazo ukuphazamisa izivivinyo,” kusho umthombo.
UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe othisha kumele basebenzise imigomo elawula ukuphathwa kwesikole uma kunenkinga yokubhema, ingasaphathwa eyokubhenywa kwensangu.
“Asifuni ukuqagela ukuthi ukushiswa kwegumbi kuhlangene nokubhenywa kwensangu kodwa sithi amaphoyisa awenze umsebenzi wawo, abathintekayo babhekane nengalo yomthetho. Sizolinda umbiko ophuma kubahloli ngalesi sigameko, bese siphawula ngokuphelele,” kusho uMlotshwa. ULt Col Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uthe kuvulwe icala lokuthungela ngomlimo isakhiwo, eliphenywa amaphoyisa aKwaNongoma.