Belisazilele unina iphoyisa elidutshuliwe
BELISAZILELE unina ogcwatshwe emasontweni amabili edlule iphoyisa elidutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu phambi komndeni walo KwaNdengezi ngaphandle kwaseThekwini.
UWarrant Officer Bhekisigcino Zethembe Khwela (54) obengumphenyi esiteshini saseMariannhill, udutshulwe ngoLwesibili ngabo-19:30 ebusuku ngaphandle komuzi wakhe.
Leli phoyisa eliphinde libe namatekisi okuyibhizinisi lasekhaya beliphuma emsebenzini kade lisaxoxa nendodana yalo nomngani wendodana ngesikhathi kuqhamuka abantu bavulela ngenhlamvu.
Ngokusho komndeni leli phoyisa lidutshulwe amahlandla angu-22.
Umfowabo kamufi uMnuz Wiseman Khwela uthe abazi ngempela ukuthi kungani umfowabo ebulewe.
“Besifihla umama wethu kungekudala, ngikhuluma nje besisazama ukuzikhotha amanxeba njengoba sekubulawa umfowethu. Umama wethu ubegula, siyoma phezu kwethuna lakhe limanzi njengoba sesizofihla umfowethu. Asazi ngempela ukuthi kungani ehlaselwe, ngoba asikho isitha ake asibikela ngaso noma ukuthi kukhona inkinga anayo,” kusho uKhwela.
Uthe yize umfowabo ubenamatekisi amathathu ahambela KwaNdengezi naKwaSanti kodwa ubengagxilile kulo msebenzi nokwenza angakholelwa ukuthi ukuhlaselwa kwakhe kuhlobene namatekisi.
“Kuyadumaza ukuthi ukubulawa kwephoyisa sekuthathwa njengento encane nje. Umfowethu usebenze isikhathi eside kulo mbutho kumele kutholakale ababulali ngokushesha ukuze bezochaza ukuthi kungani bembulele,” kusho uKhwela.
Umufi ushiye izingane ezine, unkosikazi uMaNgcobo, nezingane zakwabo.
Okhulumela amaphoyisa kuleli u-Brigadier Vishnu Naidoo uthe ngokophenyo abasalwenzile babili abasolwa abadubule umsolwa maqede babaleka ngezinyawo.
“Indodana yalomphenyi obulewe nayo ithole ukulimala kulokhu kuhlaselwa. Umngani wendodana yena akazange alimale. Asiyazi imbangela yokubulawa kwakhe sisaphenya,” kusho uNaidoo.
UMkhuzi wamaPhoyisa kuleli uGeneral Khehla John Sitole ukugxekile ukubulawa kwamaphoyisa.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesibili kudutshulwe iphoyisa lase-Eastern Cape uCaptain Lumkile Wiseman Tyibilika.
“Ukubulawa kwalawa maphoyisa amabili kukhomba ngokusobala inkinga amaphoyisa abhekana nayo nsuku zonke,” kusho uSitole.