Amaqembu awaboni ngokufana ngokwaba kukaMboweni
KUHLUKANE imibono emaqenjini ezepolitiki ngesabelo sezimali sokuqala sikaNgqongqoshe weziMali uMnuz Tito Mboweni. Kukhona akuncomile amanye athe akukho okusha akushilo.
UMboweni uthule isabelo sezimali samaphakathi nonyaka ePhalamende eKapa izolo ntambama, selokhu eqokwe nguMengameli Cyril Ramaphosa emuva kokusula kukaMnuz Nhlanhla Nene.
USotswebhu we-EFF uMnuz Floyd Shivambu uthe ucabanga ukuthi abantu ababuyelwanga yithemba ngalesi sabelo.
“Bekumele amemezele ukuthi uzoyiqeda eyabantu abaqashwa nguhulumeni ukuthi benze imisebenzi ethile bese kuqeqeshwa abasebenzi bakahulumeni ukwenza leyo misebenzi.”
UMnuz David Maynier, weDA uthe sizonyuka isikweletu, abasebenzi kuzodingeka bakhokhe intela eningi kunabayikhokhayo.
“Umnotho awuphathwanga ngendlela iminyaka eminingi.”
UDkt Pieter Groenewald weFreedom Front Plus, uthe abakhokhi bentela bazokhokha kakhulu, akukho okubuyisa ithemba kulesi sabelo.
Uthe uyakwamukela ukuthi yehlile imali ebizoshoda isuka kuR40 billion ngoFebhuwari yaya kuR27 billion emalini ezoqoqwa kwintela.
USolwazi Nhlanhla Khubisa weNFP uthe bayasamukela isabelo kwezemfundo, ezenhlalakahle nakwezempilo ngoba yikhona okungumgogodla wezinto ezithinta abantu.
UMgcinimafa we-ANC, uMnuz Paul Mashatile uthe yisabelo sabantu ngoba sethulwe ngesikhathi esinzima senzikamnotho.
Uthe bayakwamukela ukuthi abafundi bazothola amaqakelo ezikoleni.
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe bayazamukela izinto ezifakwe ngaphansi kwezingeke zifakwe iVAT okubalwa amaqakelo noflawa.
UMnuz Mkhuleko Hlengwa, we-IFP ukhale ngezinkampani zikahulumeni ezihlale zitakulwa ngemali. Ubale i-Eskom, Denel, SAA nezinye. Uyamukele eyamaqakelo, wathi uMboweni akazange asho lutho ngezihlelo zokukhipha abantu ebubheni.
UMnuz Mosiuoa Lekota weCope uthe uhulumeni uhlale uboleka imali, inkinga yadalwa ngowayengumengameli Jacob Zuma.
“Imali yanyuka kuZuma yaba nkulu kakhulu njengoba izofinyelela kuR3 trillion imali esiyikweletayo.”
I-SACP ithe izokhuluma nohulumeni namadlelandawonye ngendaba yokubuyekezwa kwezinkampani ezingaphansi kukahulumeni.
Ithe uma kwehliswa amaholo kumele kuqalwe ngawezikhulu hhayi abasebenzi.