Ikhansela liphika lilala ngomhlane elokubulala iqabane
IKHANSELA le-ANC ku-ward 10 kwaPata eMgungundlovu uMnuz Nkosinathi “TK” Gambu lithi alikaze lixabane nesishoshovu senhlangano esasocongwa, uMnuz Msawenkosi “Qashana” Mchunu futhi lalingeke lize limbulale.
Ekhuluma esebhokisini lofakazi eNkantolo yesiFunda eMgungundovu izolo efaka isicelo sebheyili, uGambu (37) utshele inkantolo ebigcwele phama ukuthi wayemhlonipha kakhulu uMchunu futhi emthatha njengoninalume.
“Uqabane uQashana ngikhulele kuyena ewubhuti endaweni, engomunye wabantu ebengibukela kubona kwezombusazwe, “kusho uGambu.
Uthe noma kade benemibono engafani kwezepolitiki kodwa bebengakaze baxabane.
“Ngesikhathi siya engqungqutheleni yaseNasrec ngoDisemba ngonyaka odlule mina bengisohlangothini lweNDZ umufi yena esohlangothini lweCR 17 ilapho ebesiphambane khona,“kusho uGambu.
Uthe ukuba sezinhlangothini ezingafani noMchunu akumenzanga ukuthi amzonde.
UGambu utshele inkantolo ukuthi uzowaphika amacala abekwe wona.
“Ngimsulwa mina angikaze ngibulale muntu futhi anginaso nesibhamu,” kusho uGambu.
UGambu uboshwe nabasolwa abahlanu okungoMnuz Sikhanyiso Zimu, Sifiso Mbhele, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane noGift Zungu oyindodana yePhini leMeya kuMasipala waseMgungundlovu uNkk Thandiwe “Fucwana” Zungu. Abasolwa babekwe icala lokubulala okuhleliwe.
UGambu izolo utshele inkantolo ukuthi ukuboshwa kwakhe kuhlobone nezombusazwe.
Uthe isibhamu esatholakala emotweni yakhe kwakungesiso esakhe, kwakungesomuntu ayemgibelisile uMnuz Mabhoyi Mncwabe.
“Ngesikhathi ngiboshwa samfonela uMncwabe savula isipikha sefoni kakhulu ukuze namaphoyisa ezwe, wavuma ukuthi isibhamu ngesakhe wathi asize kwakhe kodwa amaphoyisa angafuna,“kusho uGambu.
Embuza ummeli wakhe u-Adv Jerome Brauns SC ukuthi kungani ebhecwa ngobubende inyama engayidlanga, uGambu uthe usola ukuthi ingoba kwaziwa ukuthi bebenemibono engafani yezepolitiki.
Isicelo sebheyili sabasolwa siyaqhubeka, kusalindeleke ukuthi inkantolo iphonse imibuzo kubo bonke abamangalelwa.
Isicelo sebheyili sabasolwa sibekelwe izinsuku ezine kanti kulindeleke ukuthi ngoLwesihlanu kuqedwe ukulalelwa kwesicelo.