UDlungwane uhambele abomfundi obulewe
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthi uzwile ukuthi izinkinga zaseGobizembe High, KwaSwayimane, ziqhamuka ngaphandle bese zikapakela esikoleni.
UDlungwane ukusho lokhu ekhuluma nabafundi bakulesi sikole izolo ngesikhathi esihambele ngemuva kokugwazwa komfundi washona ngoMsombuluko elamulela umngani wakhe.
Uthe abafundi kumele bagxile ezifundweni zabo bayeke ezinye izinto ezingeke zibasize ngalutho. “Yekani izidakamizwa notshwala, ningazijahi lezi zinto. Gxilani ezifundweni zenu niyeke izinto ezingeke zinisize ngalutho,” kusho uDlungwane izolo. U-Ayanda Chonco obefunda uGrade 9, kuthiwa ubezama ukulamulela umngani wakhe obehlaselwa ngabanye abafundi wase egwazeka washona. UDlungwane uthe uyazwelana nabafundi ngokulahlekelwa nguzakwabo. “Ngiyazi abanye benu bahlalele ukubheka uthisha bamsuse phezulu bamyise phansi. Othisha baphumelele kakhulu kunani yingakho kumele nichithe isikhathi esiningi nicabanga ngemfundo,” kusho uDlungwane.
Uthe amaphupho akhe ngukuthi eminyakeni emithathu abe engasekho la ekhona.
“Ngiphupha ukuthi ngibe sengikwenye indawo ngihlonishwe ngemisebenzi yami njengoba ngiqhamuka KwaNxamalala emakhaya. Ngizonifisela okuhle konke ezivivinyweni zenu, nibhale kahle nizimisele. Kubalulekile ukuthi niphume esixukwini niphuphe ukuze niphumelele,” kusho uDlungwane.
Uthe unethemba lokuthi abeluleka ngezengqondo bazobasiza abafundi abaphatheke kabi ngokushona kukazakwabo.
Ukubhalwa kwezivivinyo kuqhubeka ngendlela kulesi sikole yize kube nalesi sigameko.
Lesi sikole asiqali ukuthi sibe sematheni njengoba nanyakenye kwabulawa umfundi, ababulali basanda kugwetshwa.
UDlungwane uvakashele umndeni kaChonco lapho edlulise khona amazwi endunduzo ngalesi sehlo.
Kuboshwe owesilisa mayelana naleli cala okulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.