Bayanda abafuna avalwe awabokufika
BAYANDA eNingizimu afrika abafuna kuchithwe amasonto abokufika, asebesayine nencwadi ehambisana nomkhankaso.
Kushaye isikhathi sokuloba izolo bengu-6 253 abasayinele ukuthi mabaxoshwe abefundisi bokufika encwadini ekwiPetition24.com. Umkhankaso uqale emuva kokubekwa amacala okudlwengula nokushushumbiswa kwabantu kukaMfundisi Tim Omotoso. Ubufakazi bukaNksz Cheryl Zondi (22) eNkantolo eNkulu ePort Elizabeth bugqugquzele lo mkhankaso.
Isitatimende somkhankaso sibhalwe ukuthi: “Sikholelwa ukuthi laba befundisi bangenza izimangaliso kangcono emazweni abo.”
U-Omotoso weJesus Dominion International odabuka eNigeria, ungomunye wabefundisi abafike kwezwakala kuleli. Abalandeli bakhe akubona abokufika kuphela kodwa baningi abamlandelile.
Abakuleli kuthiwa badonswa yizimangaliso kwabokufika. Omunye oke wasonta eChrist Embassy International eholwa uMfundisi Chris Oyakhilome waseNigeria, uthe wayedonswe izimanga nokuphulukiswa kwabantu. U-Oyakhilome oshumayela nakwithelevishini, waziwa ngokuthandazela abantu basinde.
Umzalwane ocele ligodlwe igama lakhe, uthe wayenezinkinga eqala ukukhonza kuyena. Uthe wayemazi kuthelevishini ethanda nezintshumayelo zakhe. Kuthe uma ezwa ukuthi usenebandla ePhoyinti eThekwini, wanikela khona. Wayekhona nangesikhathi lo mfundisi enenkonzo yokuphulukisa eyadonsa abaningi.
U-Omotoso naye ubedume ngakho ukuthandazela abantu. Ngaphandle kwalokho ubaziwa nangokuba usizo. Kuthiwa ubesiza abahlala emgwaqweni nabahlwempu.
UMnuz Walter Mqabasa osonta eJesus Domion, ungomunye wabazalwane abathi bayofa bevuka no-Omotoso nobekhona ngesikhathi umphakathi uyovala ibandla ePE ngeSonto. Uthe ngeke ayeke ukumeseka ngoba umenzele okuhle.
“Kuningi angenzele kona ngisahlupheka, ngeke ngimlahle namanje. Angikholwa ukuthi uwenzile amacala ngoba uyindoda kaNkulunkulu futhi enozwelo,” kusho uMqabasa.
OnguSihlalo weKhomishini eVikela Inkolo, Izilimi namaSiko uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, uthe akaboni kumele avalwe amasonto abokufika kunalokho kumele zonke izikhungo zenkolo zibhekwe indlela ezisebenza ngayo futhi zilawulwe. Ikhomishini ike yabiza ezithangamini zayo abefundisi bokufika abasolwa ngemigilingwane.
Isikhulu seNational Heritage Council, u-Advocate Sonwabile Mancotywa, sithe uhulumeni makashaye umthetho olawula amabandla.